UThami Mkhize uveza okwenza iCity ingayithathi kancane iChiefs
Njabulo Shezi
Ukaputeni weCape Town City, uThami Mkhize akafuni ozakwabo bakufake ekhanda ukubhinjelwa yizinto kweKaizer Chiefs emidlalweni yokuqala yesizini njengoba bezodlala nayo kwiMTN8 e-Athlone Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Nakuba iChiefs ingakawini – iqale ngokubambana neChippa United yabe seyishaywa yiMamelodi Sundowns – uThami Mkhize uthi lokhu akusho lutho.
ICity yona iyiwine yomibili imidlalo yayo yokuqala yeligi ibhekene nePolokwane City neSwallows.
“Akumele sibheke ukuthi iChiefs iyiqale kanjani isizini bese sicabanga ukuthi sizoyishaya kalula.”
IChiefs sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili yagcina ukujabulisa abalandeli bayo ngokuqukula indebe.
Lokhu, ngokubona kukaThami Mkhize yikho okuyenza ibe yingozi ngoba ifuna ukubvala leli hlazo.
“Bakulangazelela kakhulu ukujabulisa abalandeli babo, ngakho ngeke babe lula neze,’’ kusho uThami Mkhize
“Yebo isiqalo esihle esibe naso siyasikhuthaza kodwa ngeke sizethembe ngokwedlulele sithembele kulokho…
“Kusamele sisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi siyawuthola umphumela ozosifaka esigabeni esilandelayo somqhudelwano.”
FUNDA NALA: UBrandon Truter ukhathazeke ngesikhathi sokulungiselela iPirates
Lo mdlalo kulindeleke ushise kakhulu kwazise kunegqibu elikhona njengoba iCity yavalisa iChiefs ngenduku ngesizini edlule.