IPirates ethubeni lokuqopha omunye umlando kwiMTN8
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates isethubeni lokuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukufinyelela kowamanqamu weMTN8 kahlanu kulandelana.
IBucs seyinqobe le ndebe kane kulandelana, nokuyinto engakaze yenzeke emlandweni walo mqhudelwano osube khona iminyaka engu-55.
Leli qembu aliyazi induku kulo mqhudelwano selokhu lagcina lishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 ngo-2023.
IPirates izobhekana neSekhukhune United emlenzeni wesibili weMTN8, e-Orlando Amstel Arena, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Emlenzeni wokuqala kunqobe iBucs ngo 1-0, okuchaza ukuthi umdlalo usenganqotshwa yinoma yiliphi iqembu.
Ngesizini edlule iPirates ishaye iStellenbosch FC ngo 3-1 kowamanqamu weMTN8, yaqukula le ndebe okwesine kulandelana.
Nokho umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, uyazi ngeke kube lula ukudlula kwiBabina Niko ngoMgqibelo.
“Ngiyazi ngeke kube yinto elula kithina ukufinyelela kowamanqamu. Uma singazitholi izixazululo kuzoba nzima kakhulu,” kusho u-Ouaddou.
ISekhukhune izoya kulo mdlalo ngaphandle komqeqeshi wayo, uCedric Kaze, onekhadi elibomvu.
Lokhu kuchaza ukuthi ebhentshini kuzobe kuhleli uPaulus Masehe ozobe esizana noPapi Zothwane.
UMasehe uthe kumele bayihlasele ngakho konke iPirates kulo mdlalo.
“Akukho okusele kithina ngaphandle kokuthi singene kuyona iPirates,” kusho uMasehe.
“Lokho kukodwa kuzosigqugquzela kuphinde kusenze sizinike ithuba lokufinyelela kowamanqamu.”
La maqembu ahlanganile emdlalweni weBetway Premiership phakathi nesonto, kwanqoba iPirates ngo 2-0.
Nakanjani umdlalo wangoMgqibelo uzobe uhluke kakhulu ngoba owomkhumulajezi.
Komunye umdlalo weMTN8 kuzotholana phezulu iLamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Emlenzeni wokuqala kunqobe Abafana Bes’thende ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium, ngempelasonto edlule.

