EzakamuvaI-MTN 8

ITheku lingase lihlabane ngomdlalo wamanqamu weMTN8

SIHLE NGUBO

ITheku lisethubeni lokuphinde lisingathe omunye umdlalo wamanqamu enkundleni eyakhiwa ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika, iMoses Mabhida Stadium.

Umdlalo wamanqamu weMTN8 uzoba phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC, ngoSepthemba 13.

La maqembu yiwona adlale owamanqamu walo mqhudelwano eMoses Mabhida Stadium, ngesizini edlule.

Kunqobe iPirates ngo 3-1 kanti bese ithatha le ndebe okwesithathu kulandelana.

IPirates idlulele kowamanqamu ngokushaya iMamelodi Sundowns ngo 4-1 kumaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 eLucas Moripe Stadium.

Emlenzeni wokuqala umdlalo waphela ngo 1-1 e-Orlando Stadium, ngempelasonto edlule.

IStellies ibambane neSekhukhune United ngo 1-1 emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo.

Umdlalo womlenze wokuqala wanqotshwa ezikaSteve Barker ngo 2-0 eKapa.

Kuvela ukuthi abaxhasi iMTN nePremier Soccer League (PSL) bathole izicelo kuzo zonke izifundazweni, kodwa zintathu ezihamba phambili ekusingatheni owamanqamu weMTN8.

Lezi zinkundla iMbombelaStadium (Mpumalanga), iNelson Mandela Bay Stadium (Eastern Cape) neMoses Mabhida Stadium (KwaZulu-Natal).

Kulindeleke ukuthi iPSL imememezele maduze ukuthi uzoba kuphi owamanqamu kulokhu.

IMoses Mabhida Stadium igcine isingathe owamanqamu weNedbank Cup phakathi kweKaizer Chiefs nePirates, ngoMeyi nonyaka.

Abalandeli bakwezinye izifundazwe banakho ukukhononda ngokuthi imidlalo yamanqamu eminingi idlalelwa eMoses Mabhida Stadium.