Kadodia: Nakhu okwenza ngihoxe ekuthengeni iSwallows
ALFRED NGUBANE
UFarouk Kadodia, ongusihlalo weMaritzburg United ugeqe amagula ngamahlebezi agcwele emithonjeni yezindaba okuthi uzothenga iMoroka Swallows FC.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKadodia uke wazama ukuthenga iRichards Bay ngaphambi kokuqala kwesizini ngoba efuna ukubuyisela iqembu lakhe kwiDStv Premiership.
IMaritzburg beyidliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule, okuyinto engamphathanga neze kahle lo sihlalo.
Kumanje uzama yonke imizamo ukubuyela kwiPremiership la akholwa wukuthi iqembu lakhe lifanelwe ukuba khona.
UFarouk Kadodia ukhulume neMpempe esePrinces Magogo Stadium la iMaritzburg iguqise khona iPaarl United emdlalweni weNedbank.
“Mina ngeke ngiyithenge iMoroka Swallows ngenxa yokuthi inezikweletu ezinzima kakhulu,” usho kanje.
“Ngabe ngiyashona uqobo ngoba ukudlalela ngakuSwallows kufana nokudlala ngegeja kuziliwe.”
Uthe yize esifuna isitifiketi sokudlala kwiPremiership, kodwa okwamanje usagxile eqenjini lakhe elinezazo izinkinga.
Enye yalezo zinkinga wukungabi nayo inkundla eqondile elidlalela kuyo kusukela laxoshwa eHarry Gwala Stadium kwafakwa iRoyal AM.
“Mina anginayo inkundla lapho ngidlalela khona njengoba ungibona ngehla ngenyuka ngiqasha izinkundla lapha nalaphaya.
“Kumanje ngisho imidlalo yeMotsepe Foundation Championship sithwele kanzima kuyona.
“Iqembu lijima eMgungundlovu lidlale eThekwini lokho kusishayile kakhulu,” kuchaza lesi sikhulu.
“Silahlekelwa amaphuzu amaningi ngendlela engafanelekile ngenxa yokuthi besibhekene nobunzima besimo esingenalo uzinzo.”
Uphinde waveza ukuthi ithemba abalilahlile lokukhuza ibuya kwiPremiership, wathi kuzomele baqoqe wonke amaphuzu kule midlalo yokugcina.
IMaritzburg isendaweni ka-11 ngemuva kwemidlalo engu-19 kanti isaqoqe amaphuzu angu-22.
Yize ikude ngokwendawo ekuyo, kodwa uma ubheka amaphuzu esele ngawo kwi-University of Pretoria okuyiyo eqhwakele, uyabona ukuthi akukubi kangako.
Lamaqembu ahlukaniswe amaphuzu angu-12 kuphela okuyinto engakhaveka kule midlalo engu-11 esele.
FUNDA NALA: Uvume ubucayi besimo kwiChiefs uCavin Johnson
Leli qembu laseMgungundlovu lizobe likhona uma sekuqhathwa azodlala emzuliswaneni wesibili kwiNedbank Cup ngoMsombuluko ebusuku.

