EzakamuvaIbhola

Zondo: Ngeke abeChiefs/Bucs babuke iBafana egcwele abeDowns

Umqeqeshi wakuleli osesebenze emaqenjini amaningi ehlukene okubalwa neMamelodi Sundowns, uKhabonina Zondo, uthi uyaluqonda usizi lukaHugo Broos ngokungesekwa kweBafana Bafana. 

Lo mqeqeshi weBafana useke wakhala kaningi ngokugqoza kwabalandeli emidlalweni yeqembu lesizwe. 

Emidlalweni embalwa edlule abalandeli bebengafiki naku-5 000 uma kudlala iBafana eGoli. 

Yingakho lo wokugcina kuleli, kade ibhekene neBenin emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba, usiwe eThekwini. 

Nakhona iMoses Mabhida ayizange igcwale ngendlela obekulindeleke ngayo kodwa kwaba ngcono kunokwenzeka eGoli. 

UKhabo Zondo, ogcine ukubonakala ebhentshini kwiRoyal AM ngesizini edlule, useveze umbono wakhe ngalokhu, futhi uthi yinkinga okusekude ilungiseke. 

“Mina ngithi lena yinkinga enkulu nezothatha iminyaka eminingi kakhulu ukulungiseka,” kusho uZondo ekhuluma neMpempe. 

“Le nkinga iqala lapha… Abadlali beMamelodi Sundowns yibo abaningi eqenjini lesizwe njengamanje. 

“Sesingakhohlisana nje, kodwa sonke siyazi ukuthi abalandeli beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates abayifuni iSundowns. 

“Ngeke nhlobo ubabone beyokwesekela iqembu elinabadlali beSundowns. 

“Bancamela ukungalibuki noma balibuke kumathelevishini,” kuchaza uKhabo Zondo. 

Uthi lesi simo sebhola lakuleli sinzima ngoba ngeke kuvele kwenzeke kuvukwe abalandeli beChiefs nePirates sebeyithanda iSundowns. 

Ubutha kulamaqembu bunyuke kakhulu kule minyaka embalwa edlule ngenxa yesibhaxu esivulelwa yiSundowns kwiChiefs nePirates. 

“Inkinga ukuthi iSundowns yilona qembu elikhonyayo lapha kwiDStv Premiership nakwiCaf. 

“Manje umqeqeshi uHugo Brooks ubengeke akwazi ukubaziba abadlali beSundowns ngoba badlala kahle. 

“Uma ufuna ukubona abalandeli bezosekela iBafana Bafana, kuyokwenzeka mhlazane  wabona abadlali balamaqembu amabili amakhulu kuyibo abaningi. 

“Buka kuyimanje uma iChiefs idlala nePirates bayigcwalisa kalula kanjani iFNB Stadium. 

“Manje abadlali beSundowns bajwayele ukubukwa yizitulo, banqobe kunjalo,” kuphetha uKhabonina Zondo.