URiveiro ukhuza ulaka lwabalandeli ku-Evidence Makgopa
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukhuza abalandeli ballei qembu ngomkhuba omubi abawuqalayo wokuhhahhameza abadlali, ikakhulukazi u-Evidence Makgopa.
Emdlalweni weDStv Premiership nePolokwane City ngoLwesihlanu ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto, u-Evidence Makgopa uzithole esehhanyezwa ngabalandeli.
Nokho ukwazile ukumelana nalesi simo esingesihle akangavuma ukuthi kumthikameze.
Njengoba uZakhele Lepasa, owalimala ngesikhathi ekwiBafana Bafana, engakalulami ngokugcwele, uMakgopa nguyena oqala imidlalo.
ULepasa uyiqale kahle isizini ka-2023/24 njengoba eseshaye amagoli angu-10 emidlalweni engu-14 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ngakolunye uhlangothi, uMakgopa uthwale kanzima ezama ukuqhuba umsebenzi wokushaya amagoli.
Ngesikhathi bedlala nePolokwane City, uMakgopa akakwazanga ukwenza into ebonakalayo okuholele ekutheni abanye abalandeli baphelelwe isineke, bazwakalise ukucasuka kwabo ngokumhhahhameza.
Kodwa uRiveiro uyakukhuza lokhu, uthi bonke abadlali bayazinikela futhi uma imiphumela ingavumi, akumele kukhacwe umdlali oyedwa.
“Ngicabanga ukuthi njengoba u-Evidence eseneminyaka engu-23 futhi esanda kuqala ukudlala kwiPirates, kubalulekile ukuthi sonke simeseke.
“Uma ngithi sonke, ngisho ukuthi ithimba lbaqeqeshi, ozakwabo nabalandeli,” kusho uRiveiro.
“Thina siyameseka. Sidlalisa abadlali abaningi abasebancane kulezi zinsuku futhi kubalulekile ukuthi sibavikele ngoba bazosisiza.
“Uma noma ngabe ngubani odlala phambili ezwa sengathi siyamuthemba, kuzoba lula kuye ukushaya amagoli.
“Kodwa ke sonke singabantu abasebenza ezingeni elikhokhelayo, ngakho kumele simelane nezinselelo ezinjena, uma ungakwazi ukumelana nazo, kosiza ukuthi uphume.
“Ngakho izinto ezinjena kumele sizamukele, futhi abadlali bayazama ukwenza okuhle. Ngiyakhumbula nangesizini edlule sasinesimo esifanayo ngomunye wabagadli bethu (uTerrence Dzvukamanja).
“Wangena kusele imizuzu embalwa sibambene ngo 1-1 neGolden Arrows wabe eseshaya igoli, wasinika amaphuzu amathathu. Abalandeli bathula kusuka lapho.
“UMakgopa ucishe walishaya igoli, ngakho kuwuphawu oluhle lokuthi yize izinto zingelula, uyaqhubeka nokuzama ngokuzimisela.
FUNDA NALA: Ishaye is’khala iChiefs idedela u-Akpeyi
“Ufuna ukukhombisa ukuthi ungumdlali osezingeni elifanele ukudlala kwiPirates,” kuchaza uRiveiro.