ULyle Foster unyuse amathemba kaBroos ebuya kwiBurnely
SIHLE NGUBO
Kufanele ukuthi ujabulile kakhulu umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukubona umgadli uLyle Foster edlala ngoLwesibili.
Lo mdlali weBurnely yase-England, bese kunesikhathi agcina ukudlala. Ubenenkinga yesimo somqondo kanti ubesathola ukwelashwa.
NgoLwesibili uLyle Foster uwuqalile umdlalo bebhekene neLiverpool kowe-English Premier League.
Ngaphambi kwalokho, wangena esuka ebhentshini wafike wakhela uzakwabo, uSander Berke ithuba lokushaya igoli bebhekene neFulham.
Nokho izinto aziyihambelanga kahle iBurnely kwiLiverpool njengoba igcine ishaywe ngo 2-0.
Okujabulisayo ukuthi uFoster ubedlala futhi ubukeke engumqemane.
Bekunovalo lokuthi lo mdlali, owake wayibamba kwi-Orlando Pirates, uzophuthelwa yi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast ngenyanga ezayo.
UBroos kubhekeke ukuthi amemezele iqembu lakhe azogadla ngalo kwi-Afcon ngoLwesine ntambama.
Nokho kungenzeka aphoqeleke ukumshiya ngaphandle uFoster yize esengumqemane ngoba umqeqeshi wakhe, uVincent Kompany akakathandi aphume e-England.
UKompany usanda kukuveza ukuthi yize eluleme uLyle Foster, kodwa isimo sakhe asikabi la kufanele khona ukuthi angaya kwenye indawo.
Wathi ngokufisa kwakhe lo mdlali ubezoyekwa nje aqhubeke kwiBurnely ngoba vele usaqashwe ngelokhozi yithimba lodokotela bengqondo.
Kodwa ke vele noma engamtholanga uFoster, uBroos ume kahle kakhulu kubagadli.
OPercy Tau, Evidence Makgopa, Themba Zwane nabanye basefomini enhle kulezi zinsuku.
Omunye umgadli ongase abe nenkinga yokufika kwiBafana uLebo Mothiba olimalile emdlalweni wezakhe iStrasbough ngempelasonto.
FUNDA NALA: U-Elias Pelembe uzohola iMozambique kwi-Afcon
Omunye umdlali okubanjwe umoya ngaye uSibongiseni “Ox” Mthethwa weKaizer Chiefs othinteke eqakaleni ejimini.

