EzakamuvaIbhola

Lingase lishone esexoshiwe uMngqithi kwiSundowns 

SIHLE NGUBO 

Kulindeleke ukuthi ligcwale umoya ijazi kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, njengoba kuvela ukuthi iqembu aleneme ngemiphumela yakamuva.

Ngokubika kweTimes Live iSundowns izomemezela umqeqeshi omusha weqembu esithangamini nabezindaba ngoLwesibili emini.

Akukacaci ukuthi uMngqithi uzokwehliselwa esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi noma kuzothiwa akabone eza ngayo nethimba lakhe elifaka uSteve Komphela, uWendell Robinson, uKennedy Mweene noRomain Folz.

UMngqithi uyiqale kabi isizini ekhishwa yiStellenbosch FC kwiMTN8, lapho leli qembu laseKapa lishaye ompetha beligi ngo 1-0 kabili emilenzeni emibili kowandulela owamanqamu.

Kuphinde kwangahamba kahle kuBafana Ba’Style beshaywa yiMagesi FC ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout emasontweni edlule.

KwiCaf Champions League nakhona ayiyiqalanga kahle imidlalo yamaqoqo iDowns. Ibambane ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo ngo 0-0 eLoftus Stadium, kwathi ngempelasonto yaphinde yabanjwa yi-ASFAR yaseMorocco ngo 1-1 ekuhambeni.

Emidlalweni yeBetway Premiership iSundowns seyike yashaywa yiPolokwane City ngo 1-0. Nokho iyona esazihola phambili kwilogi yePremieship ngamaphuzu angu-21, alinganayo nawe-Orlando Pirates.

Akwaziwa ukuthi yimuphi umqeqeshi ongase amenyezelwe yiSundowns ngoLwesibili kodwa kuvela ukuthi ungowase-Europe.