EzakamuvaIbhola

Umdlali ochithwe yiBucs uvumbuke kwiSekhukhune

SIHLE NGUBO 

Umdlali osanda kuchithwa yi-Orlando Pirates, uLesedi Kapinga, usesayine kwiSekhukhune United.

I-Pirates imkhululile lo mdlali obeselizwa ngendaba ijezi. Kufanele ukuthi abanye abalandeli beZimnyama bebengazi nokuthi ukhona kuleli qembu selokhu afika evela kwiMamelodi Sundowns.

KuBafana Ba’Style wayefike ngo-2020 esuka kwiBlack Leopards. UKapinga, oneminyaka engu-29, akazange alithole ithuba lokuzibonakalisa ngaphansi komqeqeshi uJose Riviera.

ISekhukhune icijwa uLehlohonolo Seema okunguyena owamukele lo mdlali eqenjini. Kukholakala ukuthi uyena lo mqeqeshi olande uKapinga.