Usuthu lungase lubhekane neRoyal AM singekho isilomo somdlali
SIHLE NGUBO
AmaZulu FC angase aye emdlalweni womkhaya neRoyal AM ngaphandle komdlali wawo obalulekile, u-Ethan Brooks, othinteke edolweni.
Usuthu luzobhekana neThwihli Thwahla emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
Leli qembu elicijwa u-Arthur “10111” Zwane ngokubambisana noVusumuzi “Kanu” Vilakazi, lizithola lizabalaza endaweni ka-12 kwilogi yePremieship, ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni eyisikhombisa.
Usuthu lushaywe yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni wePremiership odlule. UZwane ukholwa ukuthi bebengabuya nokuthile kulo mdlalo.
“Yithina ebesiphethe umdlalo emizuzwini engu-20 yokuqala. Sibe sesihlisa umgqigqo wethu ngoba bese kubukeka kulula kakhulu kithina,” kusho uZwane.
“Ngokwenza kanjalo sibanike ithuba lokubuyela emdlalweni. Ngicabanga ukuthi isiwombe sokuqala bekumele sibe ngcono, siwakhile amathuba.”
Lo mqeqeshi ube esechaza ukuthi kungani ekhiphe uBrooks kulo mdlalo.
“Ngebhadi u-Ethan (Brooks) ubedlala ethintekile edolweni, bekumele simkhiphe ngoba asifuni ukuthatha amashansi,” kusho uZwane.
“Sisenemidlalo eminingi ezayo. Sethemba ukuthi uzoba khona emdlalweni olandelayo.
“Sibheke inqubekela phambili kodwa akukuhle kithina ukuthi sishaywe ngendlela okwenzeke ngayo. Okungasenani bekumele sithole iphuzu noma aphelele.
“Kodwa yileso simo sokuthi ngesinye isikhathi udlala kahle ungawunqobi umdlalo. Udlale kabi kodwa bese uthole amaphuzu aphelele.
“Ngeke ngibagxeke abadlali bami, bazame ngakho konke okusemandleni.”
Ngaphambi kukaKhisimusi AmaZulu azobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngoDisemba 24 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.