iDStv Premiership

UMazinyo akalivezi izinyo ngokuphikelwa igoli kowePremiership

Liyamkhalisa igoli eliphikiwe umqeqeshi weSwallows FC u-Ernst “Mazinyo” Middendorp ezakhe ezibambane neTS Galaxy ngo 0-0 koweDStv Premiership ngeSonto.

Kulo mdlalo obuseDobsonville Stadium, iZinyoni bekubukeka sengathi zilitholile igoli kodwa unompempe nomsizi wakhe bathi kukhona obesephambili kunabanye kwiSwallows. Nokho ukhala kufanele uMiddendorp ngoba akubukeki kukhona i-off side ngaphambi kokuthi ibhola liqabule inethi.

“Angazi ukuthi emhlabeni nje uwonke kuza kanjani ukuthi kuthiwe yi-off side leya. Ngiyahluleka impela ukuyiqonda le nto ,” kusho uMiddendorp ngemuva komdlalo.


Yize bekucaca ukuthi akeneme ngokuphikelwa igoli kodwa uMiddendorp ubancomile abadlali bakhe ngokudlala ngokuzimisela kulo mdlalo yize bese bethole nekhadi elibomvu.

IZinyoni ziyibambe endaweni yesithathu ukusuka emsileni kanti zisengozini yokudliwa yizembe uma zingabaleki kule ndawo. Inkinga enkulu ezibhekene nayo ukuthi azivunyelwe ukusayinisa abadlali ngenxa yokudingiswa yiFifa iminyaka emibili nohhafu. Lokhu kungenxa yokungabakhokheli imali yabo abadlali ababili baseSerbia.

UMiddendorp ubengeneme ngempela ngemuva komdlalo njengoba kuvela ukuthi uke wathuthana nentatheli eyitshela ukuthi “bhala noma yini oyithandayo…uma unommese nawo uwuthathe uwushutheke ezinqeni zami.” Kuyazicacela ukuthi lo mqeqeshi waseGermany azimgculisanga izinqumo zikanompempe kulo mdlalo.

Emdlalweni olandelayo iSwallows izobhekana neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

Sdina Ngubo