Ngabe iChiefs izokwazi ukugwema ihlazo uma isibhekene neSundowns?
IKaizer Chiefs ingase izithole ingena ehlazweni lokuthola isibhaxu esikhulu okwesibili kulandelana njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
Amakhosi asanda kushaywa kabuhlungu AmaZulu FC ngo 4-0 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ebusuku. Leli qembu laseNaturena lizithola sekumele libhekane neSundowns eshisayo kulezi zinsuku, eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
ISundowns seyike yayihlaza iChiefs ngonyaka odlule iyishaya ngo 4-0 emdlalweni weligi lapho kwagqama khona inqwaba yamaphutha eqenjini lika-Arthur Zwane, ikakhulukazi kubadlali basemuva.
IChiefs ishaywa Usuthu ngo 4-0 nje isanda kubuya ezibhaxwini sika 1-0 esithole kwiSekhukhune United. Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu laseNaturena selilahle amaphuzu ayisithupha selokhu kuqale unyaka.
Ukushaywa kweChiefs ngoMgqibelo kungamfakela enkulu ingcindezi uZwane osevele unyamanambana kwabanye abalandeli. Lo mqeqeshi uphikelela ukuthi abadlali ibhola elibi futhi iqembu usalakha. Nokho abanye abalandeli babona esehlulekile ukuqeqesha leli qembu elihlonishwayo e-Afrika ngenxa yomlando walo.
Abafana Ba’style ababambeki kulezi zinsuku futhi kunzima ukuthola igoli uma ubhekene nabo. Leli qembu eliqeqeshwa uRulani Mokwena livule igebe lamaphuzu angu-11 esicongweni selogi. Ngabe iChiefs izokwazi ukugwema ihlazo uma isibhekene neSundowns?
Sdina Ngubo