USolomons uphawula ngokweya kwabo uJohnson
Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uDillan Solomons, ugcizelela ukuthi abadlali abamemeza ozakwabo behlezi ebhentshini bakhombisa uthando, abazami ukubukela phansi umqeqeshi waMakhosi uCavin Johnson.
Unozinti weChiefs uBrandon Petersen ubesematheni ngemuva kwemidlalo yakamuva ngesikhathi ebonakala eqophisana noJohnson ngemuva kokwehlulwa yi-Orlando Pirates ngo 3-2.
UDillan Solomons naye uke wabonakala ezwakalisa umbono wakhe esebhentshini emidlalweni embalwa.
IChiefs ibhekene nengwadla kulo nyaka njengoba isanqobe kanye, yashaya amagoli amathathu kuphela emidlalweni eyisishiyagalolunye kuyona yonke imiqhudelwano.
“Yibhola, wugqozi, abadlali abasebhentshini bafuna ukudlulisa ulwazi (kwabasenkundleni,” kusho uSolomons.
Ubekhuluma nabezindaba ngoLwesine njengoba leli qembu lilungiselela umdlalo walo olandelayo kwiDStv Premiership.
“Abantu bathi sizenza abaqeqeshi kodwa sisuke sizama ukusiza. Uma ungazami ukusiza, kusizani?
“Awukwazi ukuvele uhlale ebhentshini uthule, ngingumuntu okhuluma kakhulu.
“Ukumethemba umqeqeshi kuhlezi kukhona, kungase kungabonakali kodwa siyazi ukuthi umqeqeshi ufunani.
“Kunezinto ezincane okumele sizilungise futhi ngethemba ukuthi kuzovela lokho kule mpelasonto.”
IChiefs inenye isizini engeyinhle, sekungumkhankaso wesishiyagalolunye kulandelana iqeda ishwiba izandla.
Kumanje kubhekwe ngabomvu ukuthi izongena yini kwiTop 8 njengoba isendaweni yeshumi kwiDStv Premiership.
Kumele iqale ukuqoqa amaphuzu ukuze ingaphuthwa yithuba likudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo.
Lokho kumele kuqale emdlalweni wangoMgqibelo la izobhekana khona neSuperSport United, ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngoMgqibelo.
IChiefs isihlulwe emidlalweni yayo emithathu edlule yeligi kodwa ingabuyisa ukuzethemba ngokushaya iSuperSport evele nayo izidonsela kanzima.
“Basesimweni esifanayo,” kusho uDillan Solomons.
“Baphezulu nje kwilogi, benze umsebenzi wabo ngasekuqaleni kweligi.
FUNDA NALA: Inkulu ingcindezi kwiSundowns ngeChampions League
“Kithina wukuzama ukuwina, asifuni ukugxila kakhulu kulokho abazoza nakho.”