ISundowns ayinantanga futhi iyazenzela kwiDSTV Premiership
Iligi yaseNingizimu Afrika iDStv Premiership, ishayisa namahloni kule sizini ka-2022/2023 ezosongwa maduze nje.
IMamelodi Sundowns izihambela yodwa ngamaphuzu angu-59 esicongweni futhi kade kwacaca ukuthi izophinde ikhale yemuke naso isicoco seligi. Ngakolunye uhlangothi amaqembu ayilandelayo kwacaca kudala ukuthi alwela indawo yesibili, eyesithathu neyesine.
ISuperSport United isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-39 kanti i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs basendaweni yesithathu neyesine ngamaphuzu angu-34. Konke lokhu kuyihlazo nje elikhombisa ukuthi alikho iqembu elincintisana neSundowns ngokuphelele kwiPremiership.
Ayiphathwa eyamaqembu angemuva kwaMakhosi neBucs ahluleka ukugcina umgqigqo, nokwenza ukuthi la maqembu aseSoweto azithole esesezindaweni ezinhle kwilogi yize nawo ezibhacazela.
IRoyal AM, AmaZulu FC, iCape Town City neLamontville Golden Arrows nabo bayazidavuzela nje nokwenza ukuthi bangabi nesiqiniseko sokuthi angagcina ekwiTop 8 ekupheleni kwesizini.
Uqweqwe lomqeqeshi, olungathandanga ukudalulwa, luvumelane nentatheli yeMpempe ukuthi iSundowns iyazicanasela nje eMzansi.
“Ngivumelana nawe.
Kuyazibhedela.
Maningi amaligi emhlabeni, ahleze ewinwa yiqembu elilodwa kodwa kudlalwa, zibuya. Lapha ekhaya iSundowns iyazenzela, ngoba abanye bayaboza,” kusho lo mqeqeshi.
“Futhi basaqhubeka, nokuboza. Abantu bacabanga ukuthi ukuthenga abadlali, yikona okuzobawinisa, noma kungaqeqeshwa.”
Kule sizini iSundowns seyishaye iChiefs kabili, yiPirates kabili neRoyal AM kabili. Lokhu kumele ake akubhekisise la maqembu ngoba angamanye alawo abhekwe ukuthi elwisane neSundowns ekuwineni isicoco seligi.
Abafana basePitoli bashaye iThwihli Thwahla ngo 5-1 emdlalweni weligi eLoftus Stadium ngoLwesibili ebusuku.