IFifa ‘ivimbe’ obengukaputeni wePirates ekusayineni kwiSwallows
UHappy Jele ogcine ukudlala ibhola kwi-Orlando Pirates ngabe usedlalela iSwallows FC ukube leli qembu alivinjiwe yiFifa ukuthi lisayinise abadlali.
Lo mdlali onamava ujimile neSwallows ngonyaka odlule kodwa wagcina engasayinanga ngenxa yesimo iZinyoni ezithola zikusona ISwallows imiswe iminyaka emibili nohhafu ngenxa yokungabakhokheli abadlali ababili baseSerbia uVladimir Mandic no-Obren Cuckovic lokhu kwenzeka eminyakeni eyisishiyagalombili edlule iSwallows ingakabuyeli kwiDStv Premiership.
Omunye umdlali ozithola engenaqembu yize ebesesayinile neZinyoni uPromise Mkhuma okuvela ukuthi ubesesayine inkontileka yeminyaka emibili nohhafu neSwallows. Njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali uMkhuma, ophethwe uMike Makaab, kulindeleke ukuthi ayifulathele iSwallows ayozitholela elinye iqembu azodlala kulona.
Njengamanje iSwallows isendaweni yesithathu ukusuka emsileni ngamaphuzu angu-17 kanti ibambane neTS Galaxy ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.. Ukungavunyelwa ukusayinisa abadlali kuyayikhinyabeza kakhulu njengoba izama ukubalekela izembe.
Lesi simo sike sahlasela iKaizer Chiefs kumasizini edlule lapho ibingavunyelwe khona ukusayinisa abadlali ngenxa yokudingiswa yiFifa. Lokhu kuwalimazile Amakhosi kodwa kukhona abanye ababone kuyithuba elihle lokuthi kunikwe ithuba elikahle abadlali abaphuma enkulisa yaleli qembu.
Lokhu kubukeka kulisebenzele iqembu laseNaturena ngoba kukhona abadlali abaphuma enkulisa asebevuthiwe, abafana noNkosingiphile Ngcobo, uBruce Bvuma, uHappy Mashiane noNjabulo Blom osanda kusayina eqenjini eligjima kwiMSL e-USA.
Sdina Ngubo