EzakamuvaiDStv Premiership

Ncikazi: Lo mdlalo weSwallows udinga amangwevu abadlali

Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi useveze imibono yakhe ngomdlalo wabo neMoroka Swallows, kanti ubona uzoshuba. 

Lo mdlalo weDStv Premiership womkhaya baseSoweto uzoba se-Orlando Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 kusihlwa futhi womabili lamaqembu adinga ukuwunqoba. 

Yingakho ke kulindeleke umdlalo osheshayo futhi odle ngebhola elihlaselayo futhi yikho lokhu akubona kuzokwenzeka uMandla Ncikazi. 

Emidlalweni yokugcina, womabili lamaqembu alahle amaphuzu. IPirates ibambane neRichards Bay kwathi iSwallows yashaywa yiKaizer Chiefs. 

“Lo mdlalo udinga ngaphezulu kwamacebo okudlala. Umdlalo odinga umqondo oqinile,” kusho uMandla Ncikazi ngalo mdlalo. 

“Udinga ukuzimisela futhi kumele sihlanganise konke lokhu ukuze sinqobe lo mdlalo.” 

UNcikazi umazi ukusuka nokuhlala umqeqeshi weSwallows, uSteve Komphela njengoba bake basebenza bonke kwiGolden Arrows nakwiFree State Stars. 

“Ngokumqonda kwami umqeqeshi uSteve Komphela, ungumqeqeshi onesibindi ofuna ukudlala ibhola elihle. 

“Ufuna ukucindezela ngokuya phambili. Angibaboni behlala emuva kanti lokho kuzosidlalisa kahle thina. 

“Kumele nje sizilungiselel ngokuphelele. Silindele konke okungase kwenzeke ngoba kwesinye isikhathi amacebo okudlala ayajika. 

“Kuya ngokuhamba komdlalo, uma belishaya ngokushesha igoli noma lishaywa yithi – kuzoba khona ushintsho kwindlela umdlalo ohamba ngayo.

“Kodwa khona sizobona umdlalo omuhle, umdlalo okumele iPirates iwunqobe,” kuchaza uNcikazi.

IPirates iya kulo mdlalo isendaaweni yesishiyagalolunye njengoba inamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-11.

Emidlalweni efanayo, iSwallows yona isendaweni yesithupha kanti seyiqoqe amaphuzu angu-18.