EzakamuvaiDStv Premiership

UTimm uveza imfihlo eyenze iBucs yayijuqa kalula iSwallows

Ukuhlala phansi bakhulume, bavulelane izifuba ngemuva komdlalo wabo wokugcina yikho okwenze i-Orlando Pirates ikwazi ukunqoba ibhekene neMoroka Swallows ngoLwesibili kusihlwa. 

Lokhu kuvezwe uMiguel Timm oqokwe waba nguMdlali oVelele kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium, iPirates ewunqobe ngo 2-0. 

UTimm uthe ngemuva komdlalo weRichards Bay la bedlale khona ngokulingana, bahlale phansi baxoxa ngokumele kwenzeke ukujika izinto.

“Ngibongela ozakwethu. Bekungelula, ngeke sikucashele lokho. Kodwa okuhle wukuthi siyakhombisa ukuthi ikhona lento kithi. 

“Luselude ukhalo futhi lo mphumela yisiqalo esihle kwesethemba ukuthi kuzoba yinyanga enhle kithi,” kusho uTimm. 

“Sizibheka thina ngaoohambi kokubheka eceleni ukuze sithole izaba. Sihlale phansi njengezinsizwa zandawonye, sakulungisa ebesibuthaka kukho.

“Singumndeni – awukho ke umndeni ohlezi uwubukhazikhazi – futhi lokhu wumphumela wokuthi sikulungisile obekungahambi kahle.”  

Emidlalweni eyishiyagalombili edlalwe yiSwallows nePirates ekuhambeni (kubalwa nowangoLwesibili) ayikaze iwine nowodwa. 

Empeleni iZinyoni zagcina ukushaya eZimnyama ekuhambeni ngesizini ka-2012/2013.

Umdlalo iwuqale kangcono iSwallows ivala kahle emuva. Nokho ekuhambeni kwawo kuhlalukile ukuthi ibishoda ngabadlali ababalukile okubalwa kubona ukaputeni u-Andile Jali nomhlohli wayo wamagoli uTshegofatso Mabasa.

Kuvele konakela kakhulu ngomzuzu ka-40 ngesikhathi u-Evidence Makgopa eshaya igoli lePirates, zaya ekhefini zindizela phansi iZinyoni. 

Nangesekuqaleni kwesiwombe sesibili iSwallows iqale kubukeka sengathi izoshaya elokulinganisa. 

Kuphele konke ngesikhathi kungena uMonnapule Saleng ofike wenza umsebenzi efika nje. Ugobe ibhola lahlangana noSipho Sibiya lazishayisa kuye lasho enethini ngomzuzu ka-72.

Ukushaywa kweSwallows kuchaza ukuthi seliguqe kabili kulandelana uma ibhekene nezinkunzi zaseSoweto. 

Ifike kwiPirates isanda kuthola isibhaxu sika 1-0 ebesivela kwiKaizer Chiefs.

Ukuwina kwePirates kuyinyusele endaweni yesithupha kwilogi ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-12. 

Isasele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili. ISundowns isadlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kodwa inamaphuzu angu-27.