ITeam of Choice iqinise iqembu ngomgadli wePirates
Emizameni yokuvika izembe kwiDStv Premiership iMaritzburg United seyilande uKwame Peprah kwi-Orlando Pirates.
Lokhu kuqinisekiswe usihlalo weTeam of Choice uFarook Kadodia ngesikhathi elumana indlebe nabeSABC Sport ngoLwesine. Kuvela ukuthi uPeprah odabuka eGhana usayine inkontileka yokubolekiswa izinyanga eziyisithupha kwiMaritzburg, nokuchaza ukuthi uzohlala eMgungundlovu kuze kuphele isizini ka-2022/2023.
“Yebo izingxoxo zibe yimpumelelo kakhulu futhi uzosijoyina ngokubolekiswa izinyanga eziyisithupha,” kusho uKadodia ngesikhathi ebuzwa.
“Lokhu kuzomsiza kakhulu umqeqeshi uFadlu Davids kubagadli bakhe futhi lo mdlali simbona kunguyena okahle ukuthi asisize.”
UPeprah ujoyine iBucs ekuqaleni kwesizini ka-2020/2021 kodwa usekuthola kunzima ukuthola ijezi. Lokhu kungenxa yokuthi kukhona abadlali abafana noKermit Erasmus, uZakhele Lepasa, uSaleng nabanye abashisayo kwiBucs njengamanje.
Okunye okuvelile ukuthi iTeam of Choice isayinise u-Ali Meza noBradley Cross izinkontileka eziqondile. Laba badlali bebebolekisiwe bobabili kwiTeam of Choice.
IMaritzburg idonsa kanzima kwiPremiership njengoba iyivale emsileni kwilogi. Inamaphuzu angu-14 emidlalweni engu-15 kanti ingazithola igawulwa yizembe uma ingabhukuli kule midlalo engu-15 esele. Emdlalweni olandelayo wePremiership iTeam of Choice izobhekana neRoyal AM eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Sdina Ngubo