UBrandon Petersen uthembisa izulu nomhlaba kwabeChiefs
Sihle Ngubo
Unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Peterson uthi uma beqhubeka ngendlela abenza ngayo nakanjani okuhle kuzobalandela.
Ukhuluma kanjena nje uPeterson kungemuva kokuthi Amakhosi ebuye ejabulile e-Athlone Stadium, eKapa.
Lokhu bekulandela ukuthi eshaye iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlaweni weDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku.
UBrandon Peterson uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, futhi bekumfanele ngoba uvimbe amabhola amabi abeza neStellenbosch.
“Okokuqala ngifisa ukubonga uMdali wakho konke ophezulu,” kusho lo nozinti oke waba nengcindezi kulandela amaphutha amabi abewenza.
“Ukubuyela emdlalweni, siyazi ukuthi uma uza eKapa usuke uze empini. Besazi iStellenbosch izosinika obukhulu ubunzima.
“Laba bantu (abalandeli) benza ukuthi sibe nokugqugquzeleka okukhulu. Siyakubonga kakhulu ukwesekwa yibona.
“Okwethu ukuthi sizithole thina njengeqembu, siphinde sizame ukubamba umgqigqo.
“Kumele sidlale ibhola lethu kodwa uma siqhubeka nale ndlela esenza ngayo, okukhulu kuseza.”
Ngesiwombe sokuqala iChiefs ibingekho nhlobo emdlalweni futhi iStellies iziyekele ukushaya okungasenani amagoli amabili.
Akungabazeki ukuthi izisolile nokho njengoba iChiefs ibuye isishintshe kakhulu ngesiwombe sesibili, kucaca ukuthi umqeqeshi uMolefi Ntseki ubathethisile abadlali.
Igoli lokuqala leChiefs lishaywe uPule Mmodi ngomzuzu ka-52. Lo mdlali ubeseshaya igoli lakhe lesithathu kwiPremiership njengoba eshaye amabili bedla AmaZulu ngo 3-0 ngempelasonto.
Kuvele kwabheda kakhulu kwiStellies ngesikhathi uDevon Titus ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokuthola eliphuzi lesibili.
Ayizibekanga phansi nokho iStellenbosch yaqhubeka nokuhlasela ifuna elokulinganisa.
Nokho iChiefs iyiqedile indaba yokuqagela ngesikhathi uChristian Saile eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-89.
Ukuwina kweChiefs kuyinyusele endaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu ayisikhombisa.
FUNDA NALA: OwaMaZulu uthenge indizamshini azoshadisa ngayo indodakazi
Seyishaye amagoli amahlanu emidlalweni emibili, kanti noBrandon Petersen akangenelwanga goli kule midlalo emibili.