‘Ngashiya iPirates ngoba ngifuna ukunqoba eseligi,’ kusho uLorch
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uThembinkosi Lorch, uthi ushiye i-Orlando Pirates waya eChloorkop ngoba kukhona afuna ukukuzuza.
Lo mdlali ushiye abalandeli bePirates bengajabulile neze ngemuva kokujoyina Abafana Ba’Style. Namanje abanye abamthandisisi ngesinqumo sakhe sokushiya eZimnyama.
Nokho yena uthi ujabule eChloorkop futhi uyazi ukuthi yini athatha isinqumo sokuya kuleli qembu.
“Amajita angemukela kahle eqenjini ngakho kuze kube yimanje ngijabule,” kusho uLorch kwiPitchside Podcast yeSundowns.
“Ngijabule, njengoba ngasho kade ngikhuluma phambilini, ngeza kwiSundowns ngazi kahle ukuthi ngifunani.
“Into engangiyifuna ukunqoba isicoco seligi (DStv Premiership), manje esengikufuna ukunqoba iCaf Champions League. Impela ngiyayifuna iChampions League.”
ISundowns seyiphume kowandulela owamanqamu weChampions League kabili iminyaka ilandelana. Igcine ukunqoba lo mqhudelwano ngo-2016 kusekhona uPitso Mosimane.
“Ngesikhathi ngikwiPirates bengilokhu ngiwalandela amajita (abadlali beSundowns) ngibheka ukuthi bazenza kanjani izinto, ukuzwana abanakho nendlela abathandana ngayo. Ngakho kube lula kimina ngesikhathi ngijoyina iqembu ukusheshe ngizwane nabanye abadlali.”