IChiefs nePirates bazozama ukuvuka ngawaKwaZulu-Natal
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kumele bavuke bazithathe ngamaqembu aKwaZulu-Natal abazobhekana nawo ngokwehlukana kweyeDStv Premiership ngempelasonto.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zishaye udaka zishaywa emidlalweni yeligi ngempelasonto edlule. Kuqale iBucs eshaywe yiCape Town City ngo 2-1 eKapa yize ike yahamba phambili ngo 1-0 kulo mdlalo. IChiefs ivele yabona ukuthi ayilingise izimbangi zayo ezindala, nayo yashaywa yiSekhukhune United ngo 1-0 ngosuku olufanayo.
Lokhu kushaywa kwala maqembu aseSoweto kuwenze asala kakhulu kwiMamelodi Sundowns egqengqeleza yodwa esicongweni selogi yePremiership. Abafana Ba’style sebeshiya iChiefs ngamaphuzu angu-16 kanti bavule igebe lamaphuzu angu-21 kwiPirates. ISundowns seyiqoqe amaphuzu angu-40 emidlalweni engu-16.
Amakhosi azobhekana naMaZulu FC emdlalwenii weligi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ntambama. Akuzuba umdlalo olula kwiChiefs lona ngoba noSuthu lubuya endukwini ka 2-0 oluyithole kwiRoyal AM. Nakanjani luzozama ukuwina ekhaya ukuze lusuke endaweni elikuyona.
Ngakolunye uhlangothi iBucs izozama ukuwathola ephelele uma seyibhekene neLamontville Golden Arrows e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Abafana Bes’thende bazofika kulo mdlalo beshayela phezulu ngemuva kokushaya iSuperSport United ngo 2-1 emdlalweni wabo wokugcina weligi.
EzaseSoweto kuzomele zibhukele impela uma zifuna amaphuzu emaqenjini aseThekwini ngoba nawo alwela ukungaphunyukwa yiTop 8 njengoba imidlalo ilokhu incipha. I-Arrows isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-19 kwilogi, kanti Usuthu lusendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-18.
Sdina Ngubo