Kukhona okusina kumjeqeza uFohloza woSuthu
Umqeqeshi waMaZulu, uRomain “Fohloza” Folz, angase azithole ekhonjwa eza ngayo uma zingalungi izinto eqenjini lakhe.
Usuthu lushaywe yiRoyal AM ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium ngeSonto. Lokhu bekulandela ukuthi leli qembu lidlale ngokulingana neSekhukhune United ngaphambi komdlalo wangempelasonto.
UFolz ukhale ngezinqumo zikanompempe kulo mdlalo kodwa okuhlalukayo ukuthi luyahluleka ukushaya amagoli. Emidlalweni engu-15 AmaZulu asawine emine, adlala ngokulingana kweyisithupha ashaywa kwemihlanu. Kukho konke lokhu asashaye amagoli angu-11 kuphela.
“Angazi nami bekwenzekani. Abanye babone kuyigoli abanye bathi akulona. Ngikhathazekile ngalesi simo,” kusho uFolz mayelana negoli obekungathi leqe umugqa kodwa labuye laphikwa ngunompempe.
AmaZulu azithola esandaweni ka-11 kwilogi yePremiership njengoba imidlalo isiphakathi nendawo (15). Kuzomele azame ukwenza izinto kancono ngoba asazobhekana namaqembu afanayo lapho ethole khona amaphuzu angu-18 kuphela kwangu-45 abesetafuleni.
Usuthu lunomdlalo onzima ngoLwesihlanu njengoba luzobhekana neKaizer Chiefs koweligi eMoses Mabhida Stadium, ngo-7.30 ebusuku. IChiefs iza kulo mdlalo izikhotha amanxeba kulandela ukushaywa yiSekhukhune ngo 1-0 ngempelasonto.
UFolz usakwaze ukuwina umdlalo owodwa kuphela selokhu efike kiMaZulu. Ushaye iStellenbosch FC ngo-Okthoba 30 ngaphambi kwekhefu leNdebe yoMhlaba ka-2022. Lo mqeqeshi uhlulekile ukuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli boSuthu ngesikhathi eshaywa yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowamanqamu weMTN8 ngonyaka odlule. Uthathe izintambo kuMaZulu ngemuva kokukhonjwa indlela kukaBrandono Truter obephikwa yimiphumela.
Sdina Ngubo