U-Eric Tinkler ukhala ngonompempe ‘ababulala umgqigqo’
SIHLE NGUBO
Uzwakalise ukungenami okukhulu ngonompempe umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler.
ICity idedele amaphuzu ekugcineni ngesikhathi ibambana neSuperSport United ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership, eDHL Stadium, eKapa, ngoLwesithathu ebusuku.
U-Eric Tinkler usale ekhala ezithulisa, wayikhomba konompempe inkinga yokulahlekelwa kwakhe amaphuzu amathathu.
“Onompempe babulala umdlalo (ibhola) kumele ngikusho lokho,” kusho uTinkler ngemuva komdlalo.
“Bashaya impempe bathi kukhona odlaliswe kabi kube kungenjalo.
“Bayawubulala bayawuqeda umdlalo wethu omuhle. Ebholeni kuyathintwana, le nto yokushaya impempe njalo ibulala umgqigqo womdlalo.
“Ngingasho nje ngithi ukudlala ngokulingana namuhla kufana nokukahlekelwa amaphuzu amahlanu.”
U-Eric Tinkler uthole ikhadi eliphuzi ngokukhononda kunompempe ngemuva kokuthi ezakhe zidedele igoli elibele kwi-free kick, akholwa wukuthi bekungamele ibekwe.
Ngesiwombe sokuqala iCitizens iyona ebeyihlasela kakhulu, yakha namathuba okushaya amagoli.
Nokho uRicardo Goss ubeqinile ezintini zeSuperSport, engafuni ukudedela abagadli beCity kalula.
Igoli lize langena ngesiwombe sesibili, kanti lize noKhanyisa Mayo ngomzuzu ka-50.
Lo mgadli ubeseshaya igoli lakhe lesishiyagalolunye emidlalweni yeligi kule sizini, kanti ayishumi amagoli akhe uma sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.
Ngesizini edlule uKhanyisa Mayo ushaye amagoli angu-12, wakhala wemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi.
Ngemuva kwalokho amaqembu womabili awatholile amathuba kodwa angawasebenzisa.
Emuva kwiCity kugqame uMarc van Heerden, obephunga amabhola amabi sekuvalwe amehlo.
Ubeshade noBradley Groblar, obeyingozi uma ephethe ibhola.
Kuthe sekubukeka sengathi iCity izohamba nawo wonke amaphuzu, uLyle Lakay washaya igoli ngomzuzu ka-90+5.
Ukulahla amaphuzu kwezika-Eric Tinkler lo mdlalo kwenze zahlala endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.
ICity iphinde yavala igebe phakathi kwayo neSundowns laba amaphuzu angu-11.
FUNDA NALA: Ichithiwe eFNB Stadium iSundowns, isithole enye inkundla
Komunye umdlalo weDStv Premiership iLamontville Golden Arrows ishaywe yiSekhukhune United ngo 1-0. Bese ishaywa okweshumi kulandelana.