ElaseTanzania licela isihlobo esihle kwi-Orlando Pirates ngomdlali elimhalelayo
ISimba SC, okuyiqembu elikhulu laseTanzania selifake isicelo sokudayiselwa umgadli kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
Leli qembu lingelinye lahlale ekhona kwiCaf Champions League kanti kuthiwa liyashoda phambili.
Yingakho ke selifongqe isigqko lazozibika kwi-Orlando Pirates ukuthi lingajabula uma ingalinika uKwame Peprah.
Lo mgadli kumanje ubolekiswe kwiMaritzburg United edonsa kanzima kwiDStv Premiership.
Kuvela ukuthi iSimba ifuna ukuqinisa ngaye lo mgadli njengoba ifuna ukubuyisa isicoco seligi ngakubo esesidliwe yizimbangi iYoung Africans amahlandla amabili kulandelana.
Ngokombiko wabeFar Post, uPehrah nguye ophezulu ohlwini lwabagadli iSimba efuna ukuqinisa ngabo.
“ISimba isiyithintile i-Orlando Pirates ibiza ukuthi angatholakala yini uKwame Peprah uma imfuna.
“Bafuna ukumsayina ngesizini ezayo,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.
“Njengamanje iSimba inomgadli oyedwa okunguJean Baleke Othos naye obelekwe kwiTP Mazembe.
“Babolekwe yena isizini eyodwa. Omunye abanaye nguJohn Bocco kodwa unenkinga yokulimala njalo.
“Yingakho ke bedinga umgadli ofana noKwame,” kugcizelela lo mthombo. Kubonakala kuzoba lula kuPeprah ukuthi aye kwiSimba.
Phela izinto azimhambeli kahle nakwiMaritzburg kanti kwiPirates ijezi ngeke alithole kalula uma ebuyela khona.
IPirates inenqwaba yabagadli okukhona kubo o-Evidence Makgopa, Eva Nga, Terrence Dvukamanja noMarou Suaibou ukubala nje abambalwa.
“Kunzima kuye kwiMaritzburg. Akangenanga egiyeni ngendlela abengafisa ngayo.
“Angiboni ukuthi engafuna ukuqhubeka ahlale kuyo, ikakhulukazi uma idliwa yizembe,” kusho lo mthombo.
FUNDA NALA: IMaritzburg ngeke igaxele kunoxhaka wezembe, kusho uDavids
UPeprah, oneminyaka engu-22, ufike kwiPirates kumasizini amabili edlule futhi ubebukeka eza kahle.
Yingakho kwamangaza abaningi ukuthi abolekiswe kule sizini ekubeni ngedlule ubewashaya amagoli, ekhomba ukuba bukhali.