EzakamuvaiDStv Premiership

IMaritzburg ngeke igaxele kunoxhaka wezembe, kusho uDavids

Izembe seliphenduke into ebambekayo kanti iMaritzburg United ehlezi endaweni ka-16 kwilogi yeDStv Premiership, ngelinye lamaqembu asengcupheni. 

Nokho umqeqeshi weMaritzburg uFadlu Davids ukholwa wukuthi indlela abalwe ngayo bebambana neRichards Bay FC ngempelasonto iyinkomba enhle. 

UDavids ubona ezakhe zizokwazi ukusuka kule ndawo embi ezikuyo njengoba iqembu eliqeda kuyo lehliselwa kwiNational First Division. 

Ngemuva kwemidlalo engu-26, iMaritzburg inamaphuzu angu-25. IChippa United engenhla kwayo iangu-26.

ISwallows neMarumo Gallants bona banangu-28. Kodwa empeleni nje izembe lisangakhala kunoma yiliphi iqembu kwangu-12 kuleli ligi. 

Uma ingawina yonke le midlalo yayo emine esele, iMaritzburg ingaqeda inamaphuzu angu-41.

IKaizer Chiefs, esendaweni yesine, inamaphuzu angu-41 njengamanje kulandela ukwehlulwa kwayo yiSekhukhune United ngeSonto.

Mhlawumbe yikho lokhu okwenza uDavids abone isimo sisangahlengeka kwiMaritzburg, ilivike izembe.

“Iyodwa into enginesiqiniseko ngayo… wukuthi ngeke sililahle ithemba,” usho kanje uDavids ngemuva komdlalo. 

“Sizoqhubeka nalokhu kuzimisela nokulwa siye nakho emidlalweni ezayo ukuze sinqobe.

“Uma kudingeka sakhe amathuba amaningi, sizokwenza lokho. Amagoli into eshodayo kithi. 

“Bheka nje indlela ebesiyicindezel ngayo iRichards Bay esiwombeni sokuqala.. Nakwesesibili sibe nawo amathuba.” 

IMaritzburg ibuye kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo, yacosha iphuzu elibalulekile neliyigcina inethemba lokuvika izembe. 

“Ukungahlulwa kulo mdlalo bekubalulekile. Kusinike umdlandla esizoqhubeka nawo siye emdlalweni olandelayo. 

“Sizozikhandla kulo mdlalo ozayo nale eminye esele. Sizowalwela amaphuzu amathathu,” kuqhuba lo mqeqeshi owayengumdlali kwiMaritzburg phambilini. 

IMaritzburg izothola ithuba lokusuka kule ndawo ekuyo ngoLwesine uma seyibhekene neSwallows nayo elengele eweni ngokwayo. 

FUNDA NALA: UZwane uvuma eyokuhubha ‘utalagu’ kweKaizer Chiefs kwiligi

Lo mdlalo useDobosnville Stadium eSoweto okuyikhaya leDube Birds eqeqeshwa nguMusa Nyatama.