Kushone oyedwa engozini yebhasi leTS Galaxy
Basinde ngokulambisa abadlali beTS Galaxy ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo beya eMpumalanga lishayisana nemoto encane ngoLwesibili ntambama.
IGalaxy beyiya eNelspruit la beyizokhempa khona ngaphambi komdlalo wayo neMamelodi Sundowns eMbombela Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Umshayeli wemoto encane, iVW Polo, ushonele khona lapho kanti umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi uthe abadlali bakhe bathukile.
Uthe udaba lwengozi balubikile kwiPSL futhi sekusele kuyo ukuthi inqume ngokuthi umdlalo uyaqhubeka noma uyahlehliswa.
“Kumele sidlale neSundowns kusasa,” kusho uSukazi kwiMetro FM ngoLwesibili ebusuku.
“Kodwa uma ubheka lokhu osekwenzekile namuhla, ukuhlehliswa komdlalo kungaba yinto enhle. Kodwa sizozwa ngePSL.”
“Abadlali (beTS Galaxy) abathintekanga ndawo kodwa ngokomqondo basashaqekile ngokuthi babe sengozini la izimoto zicishe zatolanga phezulu zibhekene ngqo.
“Nokubona umshayeli walena enye imoto edlula emhlabeni kubalimazile emqondweni.
“Uyababona nje abadlali nabaqeqeshi uma ubabheka emehlweni ukuthi basathukile impela ngalento eyenzekile.”
Lo mdlalo weTS Galaxy neSundowns ungomunye webhekwe ngabomvu kule ezodlalwa ngoLwesithathu.
Lokhu kungenxa yokugudlana nokuhlokolozana ngamagama ahlabayo phakathi kwabaqeqeshi balamaqembu oRulani Mokwena noSead Ramovic.
FUNDA NALA: Iqhawe elisha leChiefs, uDuba, lisongela iPirates
Ngokokusethwa kwemidlalo, kufanele uqale ngo-7.30 ebusuku eMbombela Stadium. Sekuvele ukuthi iPSL ivumile ukuthi lo mdlalo uhlehliswe.

