EzakamuvaIbhola

UKhuboni udalula isu lokuvuselela iBafana Bafana nebhola kuleli

UThanduyise “Gonondo” Khuboni owayengumdlali kwiGolden Arrows usephawule ngesimo seqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana. 

Wadlala nakwiMpumalanga Black Aces njengoba ayeyibamba esiswini, eyinjini kunoma yiliphi iqembu adlala kulo.

Uthi iBafana idinga umqeqeshi onohlelo oluqondile olufana nolukaPitso Mosimane afika nalo kwiMamelodi Sundowns eminyakeni edlule. 

“Kodwa kudingeka bamnikeze isikhathi esanele lowo mqeqeshi,” kusho uGonondo owayeseqenjini leBafana Bafana eladlala eNdebeni yoMhlaba ngo-2010. 

“Uyabona ukuthi UPitso Mosimane wayezoyelapha iBafana Bafana kodwa basheshe bamgudluza esikhundleni.

“Wasuka lapho wayolifaka kwiMamelodi Sundowns uhlelo lwakhe lokuthuthukisa iqembu njengoba isinqobe iligi amahlandla ayisithupha elandelana.”

UMosimane wangena esikhundleni sokuqeqesha iBafana Bafana kusanda kudlula iNdebe yoMhlaba ka-2010 sekushiye uCarlos Alberto Parreira waseBrazil.

“Kumele kunikezwe ithuba abadlali ekade bedlala ibhola elikhokhelayo ukuthi baqeqeshe emazingeni aphansi nasezikoleni ngoba umdlali odingakalayo bayamazi. 

UKhuboni uthe nesikhathi sokuthi ezinye izikhundla ebholeni zinikwe abebengabadlali bezinga elikhokhelayo sesifikile. 

“Mina ngaqala ukudlala ebholeni elikhokhelayo ngisafunda isikole,” kuchaza uGonondo. “USiyabonga Nomvete waqala lapho naye esafunda eMzumvele High School KwaMashu.

“Ngaleyondlela uma kumele sifukule ibhola lethu kuzomele siqale lapho silandele izinhlaka zebhola lakuleli ngokufanele kubanjiswane.

“Iqiniso ukuthi noma ngabe ulanda bani, uyofike ahluleke. Sibuyele njalo emuva nebhola lethu,” kusho yena. 

FUNDA NALA: ElaseTanzania licela isihlobo esihle kwi-Orlando Pirates ngomdlali elimhalelayo

Ukhuluma kanjena nje uKhuboni iBafana ingene sekuvalwe amehlo kwiCaf Africa Cup of Nations ezoba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo. 

IBafana Bafana njengamanje ingaphansi kwesandla sikaHugo Broos waseBelgium nokumele kuvezwe ukuthi usayibambe kangconywana.