EzakamuvaiDStv Premiership

IMamelodi Sundowns ithe ‘uhambe wrongo’ kwiRichards Bay iyifaka induku

IMamelodi Sundowns ifake usawoti esilondeni esibhibha ngokushesha ngesikhathi ishaya iRichards Bay FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, Pitoli, ngoLwesibili ntambama.

Izinto azihambi kahle neze kwiNatal Rich Boyz esidlale imidlalo engu-11 ngaphandle kokuqoqa amaphuzu aphelele.

ISundowns yona ibiwina okokuqala emidlalweni emine njengoba emithathu iyidlale ngokulingana.

Empeleni konakele kakhulu kwiBay eyibambe endaweni yeshumi ngamaphuzu angu-32. Leli qembu laseMhlathuze lisakwaze ukushaya amagoli amabili kuphela emidlalweni eyisishiyagalombili, lase lidedela angu-15.

Konke lokhu kwenza iNatal Rich Boyz ingaphephi ezembeni kanti namathuba okuqeda kwiTop 8 alokhu eshabalala.

Emidlalweni esele iBay izobhekana neChippa United, iCape Town City bese iyivale neRoyal AM ngoMeyi 20.

Igoli leMamelodi Sundowns lishaywe uThapelo Morena ngomzuzu ka-25 ngemuva kwesibhudubhudu ebhokisini.

Ukuwina kweMamelodi Sundowns kusho ukuthi seyiqoqe amaphuzu angu-65 emidlalweni engu-27.

Inethuba lokwephula irekhodi layo lamaphuzu angu-71 nelokungenelwa amagoli amancane isizini yonke.

UMBONO: UClive Barker akahlonishwe esaphila, kungagcinwa icala engasekho

IKaizer Chiefs iyona ephethe irekhodi lokungenelwa amagoli amancane isizini yonke njengoba yadedela angu-11 ngesizini ka-2003/2004.

IMamelodi Sundowns seyingenelwe amagoli ayishumi emidlalweni engu-27.

Amaqembu aKwaZulu-Natal ayehluleka ukushaya ISundowns uma idlalela ekhaya. Kwagcina ngaMaZulu FC ewina ngo 2-0 ePitoli ngo-2019, ukuthi iSundowns ishaywe yiqembu laKwaZulu-Natal ekhaya.