EzakamuvaIbholaIngosi

UMBONO: UClive Barker akahlonishwe esaphila, kungagcinwa icala engasekho

UClive “The Dog” Barker ungomunye wamadoda ahlahla indlela eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngemuva kokubuyiselwa kweNingizimu Afrika emidlalweni yamazwe omhlaba ngo-1992.

UBarker wakusebenzisa ngendlela ukuthi iqembu lesizwe lalidlalela ekhaya nokwaholela ekutheni ligcine liwine i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996. 

Akekho oyolibala amagoli amabili ashaywa nguMark Williams, okuyiwona aqinisekisa ukuthi iBafana iwina i-Afcon ngo-1996.

Le mpumelelo ngeke imataniswe noBarker kuphela ngoba baningi ayesebenzisana nabo futhi wayeshaya ngobisi lwabadlali. 

Nokho lo mqeqeshi kumele anconywe ngokusebenzisana nabantu abafana noPhil Setshedi, uJomo Sono. 

Nabo bonke abanye ayekholelwa ekutheni bazomsiza ukuze bawinise iBafana i-Afcon. 

UBarker wayebancoma angananazi abadlali ababeseqenjini lakhe abafana noDoctor Khumalo, uJohn “Shoes” Moseou, uMark Fish, uHelman Mkhalele, uMark Williams, uJohn Moeti, uSizwe Motaung, u-Eric Tinkler, nabo bonke abanye ababephethe amathemba esizwe ngo-1996.

Njengamanje uClive Barker usehlala ngokugula ngakho kubalulekile ukuthi ahlonishwe esadla anhlavana ngeqhaza alibamba eqenjini lesizwe. 

IBafana yagcina lapho ukwenza into ebonakalayo kwi-Afcon, kunalokho ibisivele ihluleke nawukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano.

Ngaphansi kukaHugo Broos iBafana igcine ingenile kwi-Afcon ezokuba ngonyaka ozayo. 

Ikwenze lokho kubanjwe umoya kodwa kuyinto enhle ukuthi izolithola ithuba lokuyobuyisa isithunzi sayo.

UClive Barker wawenza umsebenzi ayenikwe wona yahlonishwa iBafana ezwenikazi i-Afrika, yaze yaba unombolo 1. 

FUNDA NALA: UFloyd Mbele ulaxaze iPirates, angase avumbuke kwelaseLimpopo

Ngalokho nje u-The Dog kumele ahlonishwe, aqhakanjiswe esaphila, angaze anconywe ngoba esethule sekuthiwa akube nomzuzu wokumhlonipha ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo. 

Kumele sizishaye isifuba ngoClive Barker nempumelelo ayiletha kwiBafana.