Kufufusa umbango ngoRanga Chivaviro weMarumo Gallants
By Intatheli yeMpempe
URanga Chivaviro usephenduke inyama emaqenjini akuleli nawangaphandle kulandela ukushaya kwakhe amagoli kwiMarumo Gallants.
Nokho sekuvele ukuthi njengoba ehalelelwa amaqembu amaningi nje, kungenzeka agcine esebengwa.
Inkontileka kaRanga Chivaviro neGallants iyaphela ekupheleni kwale sizini. Kodwa kunombandela wokuyivuselela.
Lo mbandela nokho usebenza ngokuvumelana kwaz zombili zinhlangothi – olomdlali nolweqembu.
IFar Post ibika ukuthi kumanje lo mdlali ulandela abahlwaya ikhono emaqenjini ahlonishwayo e-Afrika.
Kuwo kukhona i-Al Ahly (Egypt), Zamalek (Egypt), Azam FC (Tanzania). Future FC (Egypt) neSimba SC (Tanzania).
Amfuna nje lamaqembu kufanele ngoba uRanga Chivaviro useshaye amagoli angu-16 emidlalweni engu-27 kule sizini.
Ayishumi kulawo magoli uwashaye emidlalweni engu-18 asayidlale kwiDStv Premiership, kanti ayisithupha aweCaf Confederation Cup.
Kuthiwa imenenja yakhe iwamisile wonke lamaqembu ngelokuthi lo mdlali bafuna agxile emsebenzini wakhe kwiGallants.
Leli qembu lilengela ezembeni kwiDStv Premiership kanti kwiCaf Confederation Cup seyingene esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.
Kodwa yize kunjalo, kukhona iqembu eseliveze ukuthi lithe liyabuza ngalo mdlali latshelwa ukuthi usevele usayine neRichards Bay.
Kuthiwa usenenkontileka yesethembiso kuleli qembu laKwaZulu-Natal nokusho ukuthi alikho elinye iqembu elisangamthola.
Kodwa imenenja kaRanga Chivaviro, uHerve Tra Bi uyakuphika lokhu njengoba ethi yena wazi ukuthi umdlali usabheke umsebenzi kwiGallants.
FUNDA NALA: Kuzozwela kwiChiefs ukushoda kukaKeagan Dolly kowePirates
“Sithole izingcingo ezivela emaqenjini amaningi – cishe amane noma amahlanu kodwa njengamanje umdlali usagxile kwiGallants azama ukuyisiza ivike izembe.
“Angiyazi nhlobo eyokuthi usesayine inkontileka yesethembiso neRichards Bay noma elinye iqembu,” ucashunwe esho kanje uBi.