UKhama Billiat ubika usizi lokubuka iChiefs ibhacaza engakwazi ukusiza
Kuba buhlungu kuKhama Billiat uma ebuka iKaizer Chiefs edlala njengoba esalimele nje engadlali yena.
Uthi isifiso sokuba senkundleni asize sivele simgabhe mawala. UKhama Billiat uphinde waveza nokuthi walimala kanjani.
Ukulimala akuthatha kancane, ethi ukuthinteka nje kugcine kumhlalise ngaphandle izinyanga ezithathu kumanje.
“Ngalimala sisejimi ngemuva kokubuya ekhifini (likaNovemba),” usho kanje uKhama Billiat kwabeKaizer Chiefs TV YouTube Channel.
“Ngathinteka nje sisejimi futhi ngazitshela ukuthi yinto encane nje le evamise ukwenzeka vele ejimini.
“Ngaqhubeka nokujima kodwa kwaya kwaya zaqina izinhlungu,” kusho lo mdlali ozophelelwa yinkontileka ngoJuni.
“Iqembu langisa kudokotela owathola ukuthi ngidlavazele umsipha (ophakathi komlenze nesingenhla).
“Kwabe sekudingeka ngiyohlinzwa futhi manje sengiqalile ukwelulama. Kwahamba kahle konke, ngibonga uMdali.”
UKhama Billiat uthi kunzima ukubuka esendaweni yezicukuthwane ngoba inhliziyo isuke isenkundleni.
“Kuyagqilaza ingqondo. Kodwa ke kumele uqine bese unake ukululama ukuze ubuyele esimweni sokulungela ukudlala, ubuyele eqenjini.
“Kuyagqilaza kwesinye isikhathi nokubuka iqembu ekubeni uzizwa sengathi kumele ngabe naye ufaka isandla kwelikwenzayo.
“Kodwa into osuke ungayenza ukuthandazela ozakwenu uphinde ukhulume nabo ngaphambi kwemidlalo.
“Kuyabasiza ababili abathathu ukukhuluma nabo ngaphambi komdlalo ngoba siyadingana singabadlali.
“Uhlelo lokuphola lusahamba kahle okwamanje. Sengiqalile ukuzivocavoca ngenhloso yokuqinisa le ndawo ethingtekile. Sengiyagijima nokugijima.
“Bekunzima… Kodwa manje ngoba sengikwazi nokugijima kusho ukuthi kuza kahle impela,” kuchaza uKhama Billiat.
Obhekelele ukulimala kwalolu hlobo kwiChiefs, uDavid Milner naye uchaze kabanzi ngalokhu kulimala kukaKhama Billiat.
“Kubizwa ngokuthi yi-sportsman’s hernia. Ukukwelapha kumele kuhanjiswe ngesineke.
UKhama Billiat welulama kahle
“Samelapha amaviki ayisithupha ukuzama ukudambisa lo msipha. Kodwa ngeshwa akuzange kusebenze kuye kwadingeka ayohlinzwa.
“Ukuhlinzwa kwenzelwa ukuhlanganisa kabusha imisipha esuke iklazukile ukuzama ukuthi iphinde ibambane kahle.
“Ukwelulama ukusuka lapho kuvamise ukuthatha amaviki ayisishiyagalombili kuya kwayishumi.
“Useqalile manje ukugijima. Kodwa usazozwa izinhlungu ezizolokhu ziqhamuka nje okwesikhashana.
FUNDA NALA: Ifake usawoti esilondeni kwiBay iMamelodi Sundowns
“Nokho uzobe eseluleme ngokugcwele uma kuphela amaviki angu-12,” kuchaza uMilner.
Inkontileka kaKhama Billiat iyaphela ekupheleni kwale sizini kanti sekuvele aseqalile amahlebezi okuthi uzochithwa.
Nokho umqeqeshi u-Arthur Zwane usanda kuveza ukuthi ngeke bakubheke ukulimala uma sebebheka abadlali abazobagcina kulaba abaphelelwa yizinkontileka.
UMulomowandau Mathoho, uSifiso Hlanti, uCole Alexander noPhathutshedzo Nange ngabanye babadlali abaphelelwa yizinkontileka kwiChiefs kule sizini.