Uxoshelwe utshwala, impakamo nempi oweRichardsBay
Ligcwale umoya ibhantshi kuNkanyiso Zungu obedlalela iRichards Bay FC, kulandela ukuziphathisa okomdlwembe nobubhoklolo eqenjini.
Umthombo ongaphakathi kwiNatal Rich Boyz, utshele Impempe ukuthi lo mdlali ubengaziphethe kahle futhi ubelwa nabanye eqenjini.
UZungu ufike kwiRichards Bay evela kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwale sizini ngoba enikwa ithuba lesibili.
“UZungu uxoshiwe kwiBay ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe, ukuphuza kakhulu nokuphinde alwe nabanye nabadlali,” kusho umthombo ocele ukuthi igama lawo ligodlwe.
Intatheli ibe isibuza ukuthi kanti uZungu unempakamo yini nokuthi akuwuhloniphi kanti umsebenzi nabanye ozakwabo.
“Uphakeme kakhulu, kanti unenkinga yokudakwa. Kusolakala ukuthi ubesenza okungaphezulu kotshwala futhi bathi ubebanga nodweshu eqenjini.
“Bathi ubelwa nabadlali mayengangenanga esikimini. Ubelwa kakhulu nalabo abebedlala indawo eyodwa naye enkundleni.
“Uke walanyulwa nje belwa endaweni yokucima ukoma, iBackstage.”
Mhlawumbe into ebimenza acasuke kakhulu uZungu wukuthi uyiqale kahle isizini kuthenjelwe kuye esiswini.
Nokho ngenxa yakho ukungazimiseli kwakhe ngebhola, indawo yakhe igcine idliwe umfana omncane uMpho Mathebula.
Umqeqeshi weRichards Bay, uVasili Manousakis ke yena akawuvali umlomo ngoMathebula athi umkhumbuza uTeko Modise.
UMpho Mathebula muhle kakhulu. Ungumdlali okhaliphe kakhulu futhi abandile abanjengaye,” kusho uManousakis ngempelasonto edlule.
“Unekhono elimangazay futhi udlale kahle kakhulu kule sizini. Baningi nabanye abadlala kahle lapha eqenjini.
“Ungumdlali ophelele futhi sekukade ngagcina ukubona umfana onjengaye.
“Uzokhumbula ukuthi ngasebenza noTeko Modise kwiCape Town City, kuningi lo mfana afana ngakho naye.”
Ubexova kwiRichards Bay
Akukhona ke okokuqala uNkanyiso Zungu exoshelwa isimo esinjena. NakwiPirates wamiswa kade eshaye walimaza intombi.
Nakhona kuthiwa abadlali bathi liphume nobomvu ngesikhathi esededelwa esiwa kwiBay.
FUNDA NALA: UKhama Billiat ubika usizi lokubuka iChiefs ibhacaza engakwazi ukusiza
Kwenzeka lokhu nje izinto azihambi kahle kwiBay osekuphele imidlalo engu-11 ingawini kwiDStv Premiership. INatal Rich Boyz ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium ngoLwesibili.
Lokhu kwenza iqhubeke nokuhlala endaweni yeshumi kwilogi ngamaphuzu angu-32.