Kuvela umona we-Arrows, eyahlwitha uPule Saleng kuMaZulu
AmaZulu FC emuncwa iqatha emlonyeni yiGolden Arrows ngesikhathi ihlwitha uMonnapule Saleng osezakhela igama kwi-Orlando Pirates.
USaleng akalibheki ipali kule sizini kwiPirates kanti uveze ngohambo lwakhe ebholeni esiqeshini saleli qembu esishicilelwa kwiYouTube.
Impempe ivundulule ukuthi lo mdlali ngabe wasayina kuMaZulu kodwa wagcina enyamalele kungaziwa ushonephi.
“Sase siqede konke nabaphathi be-Orbit la esasimbone edlala khona samthanda,” kusho umthombo.
“Mhlawumbe iphutha esalenza elokuhambisa izinto ngendlela efanele ngokuthi siqale simlethe ukuthi umqeqeshi azibonele naye.
“Asenzanga njengamanye amaqembu abona umfana emuhle, afakwe ehhovisi asayinwe umqeqeshi engazi lutho ngaye.
“Kulapho ke esathi silindele ukuthi abuye ngakusasa ukuze kubonakale kahle akuphethe, kwathiwa uvele wathatha izikhwama zakhe washiya la ayehlaliswe khona.
“Sathinta abe-Orbit nabazali bakhe bathi abamazi ushonephi. Santunta iTheku ke manje simfuna, kodwa lutho ukumthola.”
Lo mthombo uthi umqeqeshi we-Orbit waze wagcina ephahlukile, washo ukuthi uMonnapule Saleng uthathwe yi-Arrows.
“Wathi iqhamuke yamthembisa okuthile uma engatshela lo mfana asuke kithi aye kubo.
“Ngene ngimsole ke mina uPule Saleng ngoba wayezifunela ukudlala esigabeni esikhokhelayo, kwaqhamuka asebephethe inkontileka yokumsayina.
“Thina kwakufana nokuthi siyambambezela ngoba phela kwakungenzeka umqeqeshi ethi akamdingi, bese simbuyisela emuva.
“Kodwa angikholwa ukuthi kwakuzoba njalo ngoba ikhona lakhe lase livele libonakala, futhi kucaca uzoba mkhulu ebholeni.”
UPule Saleng yena akazange aphumele obala ngokuthi yini eyamshiyisa kuMaZulu.
“Ngasuka kwi-Orbit ngaya kuMaZulu ngiyohlolwa ikhono khona,” kuchaza uSaleng.
“Kodwa kwavele kwaqhamuka i-Arrows isiphethe inkontileka yokuyodlala eqenini elikhulu.
“Kodwa ngagcina ngiphelele kwiFree State Stars,” kuqhuba yena. Akacacisanga ukuthi kwaphelelaphi okwe-Arrows.
FUNDA NALA: Uxoshelwe utshwala, impakamo nempi oweRichards Bay
Kodwa umthombo weMpempe uthi i-Arrows yaphoqeleka ukumdedela ngemuvakokungenelela kwabe-Orbit.
Nabo babeshiswa wukuthi AmaZulu abasabisa ngokuthi ngeke aphinde esebenzisane nabo ngoba benza ubuqili.