U-Iqraam Rayners uveza imfihlo yakhe yamagoli kwiStellies
Ukubuyela ekhaya eqenjini athandwayo kulo futhi anikezwa ithuba lokudlala ngendlela afisa ngayo ngenye yezinto ezenza u-Iqraam Rayners abe sefomini enhle.
U-Iqraam Rayners ubuyele kwiStellenbosch FC ngoJanuwari, ebuya kwiSuperSport United abesehlale kuyo iminyaka emithathu.
Izinto azimhambelanga kahle kuMatsatsantsa njengoba ijezi ubelithla amacozucozu kuthi noma edlala ingabonakali into ayenzayo.
Kodwa kusukela ebuyele ekhaya kwiStellies, u-Iqraam Rayners useshaya amagoli ayishumi emidlalweni engu-13.
Ayisithupha kulamagoli uwashaye emidlalweni yeNedbank Cup athi sebefuna ukuyidla kube yisicoco sabo sokuqala.
Ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo iGame On kwiRadio 2000 kuleli viki, uveze ukuthi yini imfihlo yale fomu yakhe.
“Ngiyakuthokozela ukudlala nalabantu enginabo lapha futhi sakha inqwaba yamathuba okushaya amagoli.
“Mina okwami nje wukuthi ngibe sendaweni efanele, ngesikhathi esifanele (ukuze ngibhakuzise inethi),” usho kanje lo mgadli.
“Ngiyathokoza ngokuthi ngiyakwazi ukusiza iqembu futhi ngifisa ukuqhubeka ngishaye amanye amagoli amaningi ngokuhamba kwesikhathi.”
Nguye owashaya amagoli amaningi kwiNational First Division ngo-2019 ngesikhathi iStellies inqoba kulesi sigaba, ikhushulelwa kwiDStv Premiership.
“Ngashaya amagoli angu-19 emidlaweni engu-30 yeligi kuleyo sizini futhi min nomqeqeshi uSteve Barker siyatholana kakhulu.
“Yena nethimba lakhe bayakholelwa kimi futhi ngijabule ukuthi ngiyakwazi ukudlala kahle ngibabonge ngalokho. Yilokho okubalulekile kimi.
“Bengingalindele (ukusheshe angene efomini). Uma ngifika ngibuya kwiSuperSport ngoJanuwari, ngazibekela umgomo wamagoli ayishumi kulezi zinyanga ezinhlanu ezazisele.
UBarker uyamkhulula u-Iqraam Rayners
“Kodwa manje sengifuna ukulwela ukuthi ngithole amanye amagoli ukuze kuphele isizini engu-11 noma ngaphezulu kwiligi. Nginemidlalo emithathu yokwenza lokho.
U-Iqraam Rayners wemukelwa kahle ekubuyeni kwakhe kwiStellies futhi uBarker uyamkhulula ukuthi adlale ngendlela abona ngayo phambili.
“Ngidlala endaweni ehlukile kwiStellenbosch. UBarker uyazi ukuthi kumele angisebenzise kanjani.
“Ngijabule ngefomu yami nokuthi ngisiza iqembu lithole imiphumela emihle.
“Sesisendaweni enhle manje kwilogi (yesihlanu). Ngidlala ngokukhululeka. Kodwa ukuze ngishaye amagoli, kumele ngihlale eduze nebhokisi.”
FUNDA NALA: Usizi luzwa olunye kwiBlack Leopards ezulelwa amanqe kwiNFD
U-Iqraam Rayners uzobe ebheke ukwandisa isibalo samagoli akhe uma ezakhe sezibhekene neGolden Arrows eDanie Craven ngoMgqibelo ntambama.
Ngemuva kwalokho, uthi ufuna ukufaka iStellies kowamanqamu kwiNedbank Cup.
Leli qembu laseKapa lizobe lisekhaya libhekene neSekhukhune United ngoMeyi 7 emdlaweni owandulela owamanqamu.