EzakamuvaEzokusubatha

UNaheng usebheke ukwengeza kwisicoco asinqobe kwiMangosuthu

Intokazi engumsubathi yaseLesotho uNaheng Khatala ubingelele ngokunqoba eqenjini lakhe elisha iHollywoodbets Running Club. 

UNaheng nguye onqobe kwabesifazane kwiPrince Mangosuthu Marathon eDundee ngempelasonto.

Lo msubathi osezinze kuleli, unqobe ebangeni lika-21km. Ekhuluma neMpempe ngemuva kwalo mjaho obuhanjelwe zindimbane zabantu, uNaheng uthe ubeqala ukugijima kulo mjaho.

“Nokho kungithokozisile ukunqoba neqembu lami elisha iHollywoodbets Running Club,” kusho yena. Wenze isikhathi esihle njengoba eqobele phansi u-01:17:14. 

Le ntokazi esezingeni lomhlaba ijoyine ezinye izintokazi ezinamava kwezokusubatha phakathi kwazo okukhona U-Irvette Van Zyl, Anna Ashworth, Zinhle Tshabalala, Loveness Madziva noRutendo Nyahora. 

UNaheng uphinde waveza ukuthi uzothi ukuthatha ikhefu ukuze alungiselele kahle i-Absa Series  ngoba ufisa ukwenza kahle nakuyo. 

“Ngifuna ukuvelela kwi-Absa Series njengoba ingumjaho onzima kakhulu,” kuechaza yena.

FUNDA NALA: Ubonge isosha elicishe lafela enkundleni uMusa Nyatama beshaya iChiefs

“Lo mjaho uba nabasubathi abanamava nabanegama okukhona kubo nabaseKenya abanesivinini ngendlela exakayo. 

“Manje ukuzibonakalisa ubhekene nabantu abanjalo yinto ekwakhela igama,” kuphetha uNaheng. 

By Alfred Ngubane