USandile Zungu woSuthu ucacisa ngethenda yokudla kwezingane eKZN
Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu useziqhelelanisile nephunga lenkohlakalo yethenda yokudla kwezingane zesikole.
USandile Zungu ubesolwa ngokudla imali eyayikhishelwe ithenda yesondlo sezingane zesikole.
Kuvela nokuthi ubesebizelwe ephalamende lesishayamthetho ukuba azophendula ngalokhu.
Kodwa ngesikhathi ekhuluma kuKhozi FM ngoLwesibili kusihlwa, uSandile uhlanze amaqiniso ngalolu daba.
Uthe yena akahlangene nale thenda kodwa ‘ngumfowabo’ uManzini Zungu okunguye onolwazi ngalokhu.
Kuzokumbuleka ukuthi uSandile Zungu uke wamataniswa nemizamo yokungenela ukhetho lobuholi be-ANC eKZN ngonyaka odlule.
Ube esecacisa nokuthi uManzini lona akuyena umfowabo wegazi kodwa ngusibongofana nje abatholane naye sebekhulile.
Uthe ngenxa yokuqubuka kwalezi zinsolo zokwehliswa kwezimali zikahulumeni ngemilenze, uManzini usediliziwe kuMaZulu FC.
UManzini ubengumqondisi oSuthwini. Impempe iphinde yathola ngomthombo wayo ukuthi uManzini wenze umonakalo omkhulu.
“Inkinga uzame ukusebenzisa abeSpar kulento yakhe nokuyinto egcine seyidala izinkinga njengoba bexhase iqembu.
“Bekukhona nokungaqondi, kungathi uSandile Zungu owale thenda kodwa sekuvela manje ukuthi akahlangene futhi ubengenalo nolwazi,” kusho lo mthombo.
Lo mthombo uphinde wengeza ngokuthi unethemba lokuthi izinkinga ebezikhona eqenjini zizoncipha manje.
USandile Zungu akahlangene nethenda
Khonamanjalo, uPhumlani Dube obeke wasebenza kuMaZulu engumxhumanisi nabezindaba, usebize umhlangano nabezindaba.
Akacacisanga uDube ukuthi uzothini kodwa uthe ufuna ukukhuluma ngokuxoshwa kwakhe kuleli qembu.
Uthi lokhu ukwenzela ukuthi noma ngabe kwenzakalani ngempilo yakhe, kodwa ebe elihlanzile yena iqiniso.
Lokhu sekususe izinsolo zokuthi kukhona ukusatshiswa akutholayo. UDube waxoshwa ngemuva kokushaya uzakwabo wesifazane.
Lesi sigameko senzeka ngesikhathi iqembu lidlala kwiCarling Cup nyakenye. Wabe esexoshwa ngenxa yaleso sigameko.
Kodwa umthombo uthi kungenzeka ukuthi uDube usefuna ukuhlanza okukuye nje yingoba sekuhambe uManzini kuMaZulu.
FUNDA NALA: U-Iqraam Rayners uveza imfihlo yakhe yamagoli kwiStellies
“Bebengabhekani ke vele. Bebebanga ukusondelana nomengameli weqembu bobabili.
“Mhlawumbe kukhona la sebephinde banyathelana khona amakhona njengoba nithi uDube ufuna ukunikhinindela izindaba nje.”