EzakamuvaIbholaiGladAfrica Championship

Usizi luzwa olunye kwiBlack Leopards ezulelwa amanqe kwiNFD

Kusinda kwehlela kakhulu kunakuqala kwiBlack Leopards egijima kwiMotsepe Foundation Championship.

Leli qembu libhekene nokudliwa yizembe kule ligi, njengoba liyibambe ekugcineni kwilogi, nokuzosho ukuyosithela phansi kwi-ABC Motsepe League. 

Ngaphezu kwalokho lisanda kulahlwa yiPremier Soccer League (PSL) ngecala lokuhluleka ukuhlela ukuthi kukhulumeke kuphinde kube nokuxhumana nomphakathi ngesikhathi livakashelwe yiTshakhuma nayo evika izembe.

Ukulahlwa yicala kweBlack Leopards kuqinisekiswe umshushisi wePSL uZola Majavu.

“Balivumile icala base behlawuliswa u-R50 000. Uhhafu wale mali ulengisiwe kodwa akumele bazithole benecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24 ezizayo,” kusho uMajavu esitatimendeni.

“Okunye okumele bakwenze ukukhokhela izindleko zokuhlala kwecala okuyimali ezofakwa kulo R25 000 okumele bawukhokhe.”

IBlack Leopards inamaphuzu angu-22 emsileni njengoba sekusele imidlalo emithathu ukuthi kusongwe isizini. 

Iqembu elingaphezu kwayo (iTshakhuma) linamaphuzu angu-23.

 Kumele izame ukuwina yonke imidlalo emithathu esele bese ithembe ukuthi amaqembu angaphezu kwayo ayaqhuzuka. 

FUNDA NALA: UHlula noHle Dladla nohlelo lokufukula amankomane eKZN

NgoLwesihlanu izobhekana nePlatinum City United ngo-3 ntambama. 

Inethuba lokuvala igebe kwiPlatinum enamaphuzu angu-27 endaweni yesithathu ukusuka emsileni.