UKabelo Dlamini uveza imfihlo ngokubuya kwefomu yakhe kwiBucs
Cishe uKabelo Dlamini ngomunye wabadlali bokuqala um qeqeshi we-Orlando Pirates aqobela amagama abo phansi uma ebophela isikimu sakhe.
Lo mdlali olinxele usengomunye wabaqala yonke imidlalo kweZimnyama muva nje kanto nomqeqeshi uJose Riveiro usanda kumncoma.
URiveiro wathi uyazi abanye abalandeli abaqondi kungani emdlalisa aze accede imidlalo uKabelo Dlamini.
Wathi lokho ukwenza ngoba lo mdlali neso lokubona izikhala la bengahlasela khona ngokushesha, bafice izitobha zingalindele bathole igoli.
Ngasekuqaleni kwesizini, uKabelo Dlamini ubedlala kodwa asheshe aphume uma engangenanga sekuyophela umdlalo.
Pho ngabe yini le esijikile, emenze waba ngumdlali okwazi ukuwuqala aze awuqede umdlalo.
“Ngicabanga ukuthi yisimo somzimba,” usho kanje lo mdlali kwaseSABC Sport kuleli viki.
“Ekuqaleni kwesizini isisindo sami besingesihle. Kwadingeka ngisebenze eceleni ukuze ngibe ngcono la ngishoda khona.
“Manje ngicabanga ukuthi sekuyalunga,” kucacisa uDlamini owafika kwiPirates esuka kwiBloemfontein Celtic.
“Akuyena umqeqeshi okutshelayo ngesisindo sakho, kuba ngabantu abasebenza ngalokho eqenjini.
“Kukhona abantu abasebenza ukusikala nokuqinisekisa ukuthi sisesimweni esikulungele ukudlala.
“Uma kubuywa ekhefini bayasikala bese bebuka umehluko okhona. Njengamanje sengiku-67kg, kade ngike ngaba ku-70kg.
“Nami ngabona ukuthi lento cishe yiyo eyenza ngingakwazi ukudlala ngendlela engifuna ngayo.
“Futhi kusukela ngaqala ukuyisukumela, ngicabanga ukuthi sengidlala kangcono kakhulu.”
UKabelo Dlamini ngomunye wabadlali abadlondlobalayo ngaphansi kukaRiveiro.
Uthi lo mqeqeshi umdlalisa ngale ndlela afisa ngayo ngoba uyamnika inkululeko yokuzzenzela izinqumo enkundleni.
“Ungisize kakhulu umqeqeshi. Uyangikhulula, uyangitshela ukuthi nginekhono elihle ngakho kumele ngizethembe, ngilisebenzise.
“Uyakholelwa kimi ngakho konke okwenzeka ngaphandle kumele ngikuzibe, ngenze lokhu akufuna kimi.
FUNDA NALA: USandile Zungu woSuthu ucacisa ngethenda yokudla kwezingane eKZN
“Bengingasondeli kakhulu ebhokisini uma sihlasela, sakulungisa lokho. Wangitshela ukuthi ‘uma ufuna ukushaya amagoli, kumele ukhahlelele ipali’.
“Wathi, ‘kumele ukhahlele ngoba ngeke ulishaye igoli uma ungazami. Kumele ungene ebhokisini lezitha, ukhahlelele ipali ubone kuzokwenzakalani’,” kusho yena.
UKabelo Dlamini ungomunye wabazobe bebhekiwe ukusiza iPirates uma seyibhekene neTS Galaxy ngeSonto ntambama.