AbeMarumo Gallants bathi abanazo izinhlelo zokudayisa iqembu
SIHLE NGUBO
IMarumo Gallants, edlala kwiBetway Premiership, seyikhiphe isitatimende lapho ikubeke khona kwaca ukuthi abekho ekhuluma nabo mayelana nokudayisa iqembu, kunalokho iyaliqinisa ukuze lihlale kwiPremiership.
Leli qembu liveze lokhu kade lethula abadlali abasha eliqinisa ngabo isikwati sabo njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali, kuze kube sekupheleni kukaJanuwari.
Ngeledlule iBloemfontein Celtic ikhiphe ithi iyahoxa ekudlaleni kwi-ABC Motsepe League ngoba igama leqembu selizodayiselwa umuntu onezinhlelo zokuthi libuyele kwiPremier Soccer League (PSL).
Kube sekuvela ukuthi iPhunya Sele Sele ingase ithenge isitifiketi sokudlala kwiPremiership seGallants. Livelile negama leRoyal AM edonsa kanzima ngokwemali njengamanje.
Nokho izinto zibukeka zibuyela esimeni kwiThwihli Thwahla njengoba iqinisekise ukuthi izowudlala umdlalo weBetway Premiership lapho izobhekana ne-Orlando Pirates eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesine ebusuku.
“IMarumo Gallants FC iyathokoza ukumemezela abadlali abasha esikwatini sayo esinekhono,” kusho isitatimende esithunyelwe yiGallants.
“Kulaba badlali kukhona umgadli uJunior Zindoga. Lo mdlali ozalwa eZimbabwe uzakhele igama kwiMaritzburg United edlala kwiDiski Challenge.
“Iqembu liphinde lasayinisa umgadli uJunior Dion obolekwe kuMaZulu. Lo mdlali udabuka e-Ivory Coast kanti usedlalele amaqembu ambalwa okukhona kuwona iWilliamsville Athlétic Club ne-ASEC Mimosas, ngakubo e-Ivory
Coast.
“Ube esejoyina iJwaneng Galaxy eBotswana, kwathi uma esuka lapho wadlalela iGallants ngaphambi kokuya kuMaZulu ngo-2023.
“Ngaphezu kwalokho u-Ibrahim Conde uzojoyina iqembu ukuzosiza ukuthi liqine. Lo mdlali waseGuinea useke wadlalela i-University of New
Hampshire, lapho enze khona kahle ngo-2024.”
Kulesi sitatimende iGallants ibe seyigcizelela ukuthi yona isahleli kwiPremiership futhi ayinyakazi.
“Ukucacisa amahlebezi akamuva, iqembu lithanda ukuqinisekisa ukuthi iGallants ayimbandakanyeki ezingxoxweni ezithinta ukudayiswa kweqembu.”