EzakamuvaIbhola

Kuqhume ‘idivosi’ kwiDurban City noSimo Dladla obeyiqeqesha

SIHLE NGUBO

IDurban City, esanda kunyukela kwiBetway Premiership, seyihlukene nomqeqeshi oyifake ezweni loju nobisi, uSimo Dladla.

Lokhu kuqinisekiswe yilona leli ebelaziwa ngeMaritzburg United ngaphambi kokushintsha igama.

ICity iyona ebe ngompetha beMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule ka-2024/2025.

Ukuhamba kukaDladla kushiya imibuzo eminingi ngemuva kokuhola iqembu alifake kwiPremiership.

“IDurban City ingakuqinisekisa ukuthi ngemuva kwezingxoxo eziningi iqembu nomqeqeshi uSimo Dladla abazange bafinyelele esivumelwaneni mayelana nenkontileka entsha yeBetway Premiership,” kusho isitatimende seCity.

“Lokho kuchaza ukuthi umqeqeshi uDladla ngeke esaqhubeka nomsebenzi wakhe eqenjini.

“Sithanda ukubonga kakhulu kumqeqeshi uDladla ngokuzinikela kwakhe nakho konke akwenzele iqembu ngesikhathi esekulona.

“Amava akhe adlale indima enkulu ekufukuleni iqembu nasempumelelweni yakamuva.

“Iqembu lizongena emkhankasweni wokufuna umqeqeshi omusha ozolihola ngesizini ezoqala. Lizobe selimemezela uma isikhathi sesikahle.”

Kuyinto ewumkhuba ovamile ukuthi amaqembu ahlukane nabaqeqeshi abasuke bewanyusele esigabeni esiphezulu.

Kuke kwenzeka kuShaun Bartlett ngemuva kokuthi enyuse iLamontville Golden Arrows.