UMcCarthy ngeke nje aze avume ukubuyela iChiefs
SIHLE NGUBO
Imenenja kaBenni McCarthy, ocija abagadli kwiManchester United, isicacise ngokumataniswa kwalo mqeqeshi neKaizer Chiefs, ethungatha umqeqeshi.
URob Moore, ophethe izindaba zikaMcCarthy, uthi into engabuyisa lo mqeqeshi eNingizimu Afrika iyodwa kuphela, futhi ayihlangane nokuzocija iqembu elidlala kwiPremier Soccer League.
“Ukukhuluma iqiniso nje ukuya kwikilabhu cha ngeke kwenzeke. Into engambuyisa ukuyoba ukuzoqeqesha iBafana Bafana,” kusho le menenja kwiMetro FM.
UMcCarthy wake waba sethubeni lokuqeqesha iBafana futhi waba nezingxoxo neSafa kodwa kwagcina kungavunyelwananga.
Wamatinswa nokuqeqesha iBafana ngesikhathi kushiya uMolefi Ntseki. Nokho kwagcina kungenzekanga, wavele wathushuka kuMaZulu FC. Useke wacija neCape Town City awine nayo iMTN8.
“Akukona ukuthi wayengafuni ukuyosebenza kwiBafana, ukuthi nje bamnqabela ukuthi afike nethimba lakhe labaqeqeshi ngaleso sikhathi.
“Yilowoke umsebenzi ongamenza ajabule bese abuye. Ngicabanga ukuthi lokho kungamfanela. Angaba nokuxhumana okuhle nabalandeli.”
Lo mqeqeshi uyena osahamba phambili ngokushaya amagoli eqenjini lesizwe. Uzakhele igama ngokuwina i-Uefa Champions League neFC Porto ngaphansi kukaJose Mourinho.
IChiefs ithungatha umqeqeshi ngemuva kokuchitha uNtseki. Njengamanje iholwa uCavin Johnson osabambile kuze kutholakale umqeqeshi.
Nokho kubukeka uJohnson engagcina ehlale unomphelo njengoba kuvela ukuthi useyaliqinisa ithimba lakhe.
Kuthiwa ufuna ukulanda uYu-Sha Said akw wasebenza naye ngesikhathi besiza uPitso Mosimane kwi-Al Ahly.
FUNDA NALA: UKhune wampintshwa ozakwabo ngokuphuza ejimini
USaid usebenza ukucwaninga nokihlaziya ukuthi abadlali badlala kanjani nokuthi babukhali noma babuthuntu kuphi.