‘Bebedakwa nabo yini abadlali baMaZulu laba asebebahlambalaza’
U-Ayanda Dlamini uthi umona nje owenza kuvezwe amahlazo abadlali baMaZulu Fc esidlangalaleni.
Lo mqeqeshi usanda kubuyiselwa kulo msebenzi wokuhola Usuthu ubephendula ngokushiwo nguPhumlani Dube ngokudakwa kwabadlali baMaZulu.
UDube wathi utshwala yinto yakhona kuleli qembu elidlala kwiDStv Premiership futhi ufakazelwe nanguBrandon Truter oke waqeqesha Osuthwini.
UTruter, oseqeqesha iSekhukhune United, uthe yena wayezibonela ngawakhe ngesikhathi esebenza kuMaZulu abadlali befika ejimini bedle amponjwana.
Nokho uDlamini usola ukuthi bazidlwa wumona nje ngokuthi bakhonjwa indlela kuleli qembu.
“Abantu abasho lezo zinto benziwa umona nje. Ucabanga ukuthi bebengadlala kanje laba badlali ukube bebephuza evikini noma izolo ebusuku?,” kusho uDlamini.
Ubekhuluma nabezindaba ngemiva komdlalo wabo neSekhukhune abawunqoba ngo 2-0 wamagoli o-Ethan Brooks noRamahlwe Mphahlele.
“Yimina umqeqeshi njengamanje, futhi uma kukhulunywa izinto ezinjena kumele ngibavikele abadlali ngoba ngiyabadinga.
“Ngeke bakwazi ukuzikhulumela. Lezi zinto ezikhulunywayo zingaqeda ngekusasa labo,” kuchaza yena.
Uthe kubadlali baMaZulu kusekhona nabasebancane abasazofuna ukuyodlala phesheya kanti lezi zinkulumo zingabakhela izigcwagcwa.
“Lezi zinto ezikhulunywayo zingakhinyabeza ukukhula kwabo emsebenzini wabo. Abanye abantu bengavele bethi ngeke baphinde bamthathe umdlali osuka kuMaZulu.
FUNDA NALA: U-Ayanda Dlamini ugadla kubaqeqeshi bokufika ‘abachoma ngezicucu’
“Kusekhona abafana abasebancane abasafuna nokuya phesheya, kodwa uma kukhulunywa kanje… kwakha siphi isithombe lokho?
“Uma unenkinga neqembu, kumele uyisombulule ngendlela enehlonipho. Uma uthi bayizidakwa, mhalwumbe nawe bewudakwa nabo nje ngesikhathi ulapha.”
By Sbongs Gumbi