EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Mokwena: Abangigxekayo yibo abangifaka umfutho kakhulu

By Sbongs Gumbi

Uma ugxeka uRulani Mokwena usuke ufana nomuntu othela amanzi emhlane wedada – usuke uzidlalela ngesikhathi sakho nje. 

Lokhu kuvezwe yilo mqeqeshi weMamelodi Sundowns ngemuva komdlalo wezakhe neMarumo Gallants ngempelasonto. 

ISundowns ibuyele emgqigqweni wayo wokuwina kwiDStv Premiership ishaya iGallants ngo 2-0 kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo kusihlwa. 

URulani Mokwena uthi uhlezi ezwa nje abantu bembeka amabala, bemsola ngalokhu nalokhuya kodwa yena konke lokho akakunaki ngoba ugxile emsebenzini wakhe. 

“Ngiyakwamukela,” kusho yena uma ebuzwa ngokugxekwa akutholayo nangalabo abangamzwisisi kahle.

“Ngikwamukela ngendlela efanayo nengamukela ngayo ukunconywa nezikhathi ezinhle, ezingezinhle kangako ngokunjalo nezimbi.

“Ngihlale ngizwa abantu bethi noma ngubani engaliqeqesha leli qembu. Baqinisile. Impela kunjalo. Noma ngubani angayiqeqesha iSundowns. 

“Kodwa engingakutshela khona wukuthi akuwona wonke umuntu ongasebenza ngokuzikhandla njengami. 

“Akuwona wonke umuntu ongenza leli qembu lidlale ngale ndlela elidlala ngayo njengamanje.

“Ngakho, ngiyakwamukela ukusolwa ngoba kuhle. Yizwa ngami, kungifaka umdlandla omkhulu. Abangigxekayo bangifaka umfutho. 

“Yibo abenza ngilalele ngingalele ebusuku. Bangenza ngisebenze ngokuzikhandla okuphindiwe ngakho ngiyakwamukela ukungigxeka kwabo,” kuchaza uRulani Mokwena. 

Ukhuluma kanjena nje lo mqeqeshi useyiwinise isicoco seDStv Premiership kusasele imidlalo eyisikhombisa iSundowns kule sizini. 

Futhi useyifake nasesigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League la izobhekana khona neWydad Athletic yaseMorocco. 

Kuningi uRulani Mokwena asolwa ngakho njengokuthi unabadlali bakhe abathanda ngokweqile bese abanye besale benganakiwe futhi benganikwa ithuba. 

FUNDA NALA: Imenenja ichitha uCassius Mailula, ithi  ‘ayimfanele indondo’ yePSL

Kudwa kusukela athatha izintambo sokuqeqesha – ehlukaniswa noManqoba Mngqothi abebebambisene naye kuqala isizini – iSundowns isahlulwe kanye. 

Ike yawina imidlalo engaphezu kuka-20 kulandelana futhi namagoli iwashaya kalula nje. Unike nabafana abasebancane njengoCassius Mailula noSphesihle Mkhulise ithuba.