EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

I-Arrows izimisele ngokumhlalisa unomphelo emboleke kwiPirates

By Intatheli yeMpempe

IGolden Arrows seyifake isicelo sokuthi i-Orlando Pirates isale seyiyidayisela umdlali emboleke yona ngoba imbona enekusasa kuyo. 

Lo mdlali wasesiswini, uNtsako Makhubela wayevele ekwi-Arrows phambilini ngaphambi kokuthi iPirates imthenge. 

Nokho ufike kwiBhakabhaka wehluleka ukungena esikimini njengoba egcine sekuvela ukuthi useyabonakala nasejimini yayo ukuthi akeneme. 

Kwabe sekubuya bona Abafana Bes’thende bazomboleka, nePirates ayizange ingabaze ukubanikeza yena ngoba vele ubesazoshukusha ibhentshi kuyo. 

Lo mdlali odle ngomjiko oya phambili mhlawumbe waba neshwa lokufika kwiPirates bebaningi abadlala indawo efanayo naye. 

Lokhu kwenza kube nzima kuye ukubeka angene esikimi. Impempe yake yabika phambilini ukuthi uMakhubela wayesekhombisa nasejimini kwiBucs ukuthi akasemuhle emoyeni.

Kwisizini yakhe yokuqala kweZimnyama, uMakhubela wadlala imidlalo engu-16 kuphela ngesikhathi isaqeqeshwa ngoMandla Ncikazi noFadlu Davids. 

Kodwa kwi-Arrows uliqhawe elingangatshazwa njengoba eyinjini futhi edlala ngokuhlangana kahle noPule Mmodi behola leli qembu uma lihlasela. 

Manje abeFar Post babika ukuthi Abafana Bes’thende sebefuna ukusale sebemgcina unomphelo uMakhubela ngoba uma ekubo udlala into ebonakalayo. 

Babika ukuthi yize isikhathi abolekiswe sona kwi-Arrows singavezwanga, kodwa yona seyinesifiso sokuthi isale seyimgcina unomphelo. 

Kucashunwe nesikhulu esibhekelele ezokuxhumana kuBafana Bes’thende uMqo Thusi sicasha ngesithupha ngalolu daba.

FUNDA NALA: Mokwena: Abangigxekayo yibo abangifaka umfutho kakhulu

“Ubolekisiwe kwi-Arrows, kodwa ngeke sikutshele ukuthi isikhathi esingakanani,” kusho umfokaThusi kulo mbiko. 

Akubonakali ke nokho iPirates ingaba nenkinga yokumdedela lo mdlali kwazise inabo nabanye abaningi esabolekise ngabo nakwamanye amaqembu. 

Phakathi kwabo kukhona no-Azola Matrose emthenge kwiChippa United qede yamshiya khona ngoba esaqedela isikole. Kulindeleke uMatrose aye kwiBucs ngesizini ezayo.