Imenenja ichitha uCassius Mailula, ithi ‘ayimfanele indondo’ yePSL
By Alfred Ngubane
Imenenja yabadlali okubalwa kubo nomqeqeshi uBenni McCarthy uRob Moore incoma uCassius Mailula weMamelodi Sundowns, kodwa ithi awumfanele umklomelo woMdlali oseMncane oVelele kwiPSL.
UMoore uthi iminyaka kaMailula yiyo emphikisayo ekutheni enganikwa lo mklomelo yize esemncane ngokwesikhathi asidlale ezingeni elikhokhelayo.
UCassius Mailula uzohlanganisa iminyaka engu-22 ngoJuni 12. Lo mdlali uqale ukudlala ngemuva kokuthi kuthathe uRulani Mokwena izintambo kwiSundowns.
Ufike wagila izimanga njengoba amagoli ewashaya sengathi washunqiselwa ngenethi esemncane. Ungomunye wababhekiwe emiklomelweni yePSL.
Le miklomelo kulindeleke ikhishwe emcimbini wePSL okubhekwe ube ngoMeyi 28, uma sekusongwe isizini ngokuphelele.
“UCassius Mailula muhle kakhulu. UFlemming Berg (obhekelele ezokuqeqesha kwiSundowns) umbiza ngoRomaio (owayengumgadli weBrazil).
“Nami ngiyazibona izimpawu ezifanawo (kuMailula noRomario). Kodwa uCassius Mailula kuzothi kuphela isizni uzobe eseneminyaka engu-22.
“Kanti yini umdlali osemncane?” kusho uMoore ekhuluma kwabeThis is Football Africa kwiYouTube.
“Ngiyamthanda (uMailula). Sengike ngambuka emidlalweni eminingana. Ulibamba kahle ibhola futhi uyalazi ipali lapho lingakhona.”
Yize emncoma uMailula, kodwa uMoore akaboni efanelwe yilo mklomelo athi kufanele unikwe abafana abasebancane ngampela.
Yena uhlonza isitobha seStellenbosch FC u-Olwethu Makhanya osanda kuhlanganisa iminyaka engu-19 athi nguye ofanelwe yilo mklomelo.
“Kukhona lo mfanyana weStellenbosch oneminyaka engu-18 odlala emuva – uMakhanya.
“Usedlale imidlalo engu-15 ilandelana, edlala umdlalo uze uphele yize esengumfanyana omncane futhi edlala emuva maphakathi nenkundla.
FUNDA NALA: Ngabe iPirates iphuce iChiefs iqatha emlonyeni ngoweTS Galaxy?
“Mina lokho ngikubona kuyingqayizivele ngoba uma ubheka isimo seStellenbosch, ibixinekile ngaboDisemba kanje, izembe lila emvakwayo.
“Kukhombise isibindi sikaSteve Barker ukuthi athembe umfanyana osemncane kanje, amdlalise imidlalo egcwele iviki neviki.
“Vele ke kukhona la azobuye ahluleke khona ngoba usemncane. Kodwa mina ngimbona engomunye wabafanelekile (yilo mklomelo).”