EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Okwenze u-Erasmus athulise abalandeli eshaya igoli

By Alfred Ngubane

Umgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus wenze uphawu lokuthi abalandeli abathule ngemuva kokushaya igoli bebhekene neKaizer Chiefs ngoMgqibelo. 

U-Erasmus nguye ovule inkundla ngegoli esiwombeni sokuqala. Kodwa libuye lakhaveka ngesikhathi uYusuf Marrt elinganisa. 

Nokho iPirates igcine inqobe ngo 2-1 kulo mdlalo weNedbank Cup obuseFNB Stadium ngegoli likaSandile Mthethwa. 

Lesi sitobha singqofele phakathi ibhola ebeligtshwe uNdabayithethwa Ndlondlo esikhathi esengeziwe, sashiya abalandeli baMakhosi bengakholwa.

Ukunqoba kulo mdlalo kufake iPirates kowamanqamu okwesibili kule sizini njengoba yafika futhi yanqoba nakwiMTN8 ekuqaleni kwesizini.

Akucacanga ngesikhathi u-Erasmus ethi abathule abalandeli ukuthi usho abeChiefs noma abePirates.

Phela nakubo abanye kwiPirates usenyamanambana ngenxa yokuthi akayibhakuzisi ngendlela abafisa ngayo inethi.

Abanye babone ukuthi ubethulisa abeChiefs ngoba kade bekhuluma kakhulu ngaphambbi komdlalo kwazise ezabo bezizenzela kwiPirates phambilini. 

Ngemuva komdlalo u-Erasmus ubhale kwiTwitter eveza uthando analo ngePirates nabalandeli bayo. 

“Ngiyabathanda ozakwethu. Ngiyabathanda abalandeli. Ngiyalithanda leli qembu lebhola. Ngiyazi lokhu (ukuwina) kuchazani kubalandeli. Kujabuleleni,” ubhale kanje u-Erasmus. 

KUbe sekucaca ukuthi indlela yakhe yokujabula beyibatshela ukuthi abangakhulumi kakhulu, bona bazobakhulumela ngomsebenzi enkundleni. 

Abadlali beChiefs babekhombise ukuyithatha kancane iPirates ngesikhathi beqhathwa nayo. 

FUNDA NALA: Kukhula ithemba kwiKaizer Chiefs ngomgadli emgaqele

Indlela abebememeza ngayo bethi bacela yona, kwathi uma sebeqhathwe nayo bajabula ngayo yenza kwacaca ukuthi bazibona sebekowamanqamu. 

Nokho ke u-Erasmus nozakwabo baqinisekisile ukuthi abajabulayo ekugcineni abalandeli bePirates ngokwenza umsebenzi ofanele enkundleni.