Sizovumbuka kwiPSL isikhulu esilaxaze iSafa ingazelele
By Intatheli yeMpempe
Obeyisikhulu esiphezuku enhlanganweni eyengamele ibhola kuleli, iSafa u-Advocate Tebogo Motlanthe angase athushuke kwiPSL maduze.
Sekuvele ukuthi uMotlanthe nguye ozothatha izintambo kuMato Madlala oyisikhulu esiphezulu osekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu sibambile kule nhlangano.
Lokhu kungenzeka kudunge kakhulu ubudlelwano phakathi kwalezi zinhlangano zebhola kuleli ezivele azihoshelani ngendlela efanele.
Kusanda kusuka umsindo phakathi kwazo ngesikhathi iPSL igoloza ithi ayizi kade imenywe iSafa emhlanganweni wayo.
Okumangazayo ke wukuthi nguye uMotlanthe obecindezela kakhulu iPSL ngaleso sikhathi, efuna ijike eminye yemithetho yayo.
UMotlanthe ubewenza kahle umsebenzi wakhe kwiSafa futhi le nhlangano beyibonakala isibuyisa isithunzi sakhe.
Uthuse abaningi efaka incwadi yokwesula isigubhukane ngoLwesihlanu futhi akazange aziveze nezizathu ezimenze ashiye.
Umengameli weSafa uDanny Jordaan ube nomhlangano noMotlanthe ngoMgqibelo kusihlwa la emchazele khona ngokufuna kwakhe ukushiya iSafa.
Ngokuthola kweMpempe, uMotlanthe kukhona abahlebelile ngaphakahi kwiSafa ukuthi uya kwiPSL njengoba eshiya nje.
Ngemuva kokuthola incwadi yokwesula kwakhe, iSafa ibize umhlangano ophuthumayo wesigungu esiphezulu.
Kukulo mhlangano la kuthiwa kuvunyelwene ngokuthi semukelwe isicelo sikaMotlanthe sokushiya lo msebenzi wakhe.
NgoMsombuluko iSafa ibe seyimemezela ukuthi seyiqashe uLydia Monyepao owake wadlala kwiBanyana Banyana kulesi sikhundla.
Kuthiwa uMotlanthe ulayelwe ukuba asale eseshiya khona manje, angalindi ukuphela kwenyanga njengokuvamisile.
Sekubhekwe ukuthi amenyezelwe yiPSL emavikini ambalwa ezayo ukuze kuqale isizini entsha sekunguye ophethe kule nhlangano.
FUNDA NALA: Ushiye isigubhukane uTebogo Motlanthe kwiSafa, ibamba iyayeka lenhlangano
UMotlanthe uzofica u-Ace Ncobo naye iPSL embuyise kade esesebenzisana neSafa njengoba sekunguye oyimenenja jikelele kule nhlangano.
IPSL ibuyise no-Advocate Zola Majavu ngesizini edlule ukuthi azophatha uphiko lokuqondiswa kwezigwegwe.