EzakamuvaIBetway Premiership

Ngabe uMngqithi angafika noshintsho kwiKaizer Chiefs?

SIHLE NGUBO

Ezivela eNaturena zithi iKaizer Chiefs ukhuluma noManqoba Mngqithi, ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows, ukuthi azothatha izintambo njengomqeqeshi kuleli qembu.

Abalandeli baMakhosi yinto abayilindele ngabomvu ukwazi ukuthi iqembu labo lizoqasha muphi umqeqeshi ngesizini ezayo.

Njengamanje kubambe uCedric Kaze noYoussef Ben Khalil, kuze kuphele isizini kulandela kushiya kukaNasreddine Nabi.

UMngqithi uke wamataniswa neChiefs ngaphambi kokuthi kufike uNabi ngo-2024.

Ngaleso sikhathi uMngqithi ubengumqeqeshi weMamelodi Sundowns nokukholakala ukuthi yikona okwamvimba ukuthi ajoyine iChiefs.

UMngqithi unawo amava adingeka kunobhutshuzwayo njengoba eseke wanqoba isicoco seligi kahlanu neCAF Champions League eseyiphini lomqeqeshi kwiSundowns.

Abonakele futhi amava alo mqeqeshi ngesikhathi ebuyela eqenjini lakhe elidala i-Arrows, eyenza kangcono kunamasizini edlule.

Abafana Bes’thende bafinyelele kowandulela owamanqamu kwiCarling Knockout Cup, kanti kwiNedbank Cup basanda kuphuma kuma-quarterfinal.

Umqeqeshi obekubhekwe kakhulu ukuthi asayine kwiChiefs uPitso Mosimane ongenalo iqembu njengamanje.

Lo mqeqeshi useke wabuzwa ukuthi angayicija yini iChiefs wathi akanayo inkinga yalokho uma leli qembu laseNaturena lizokhuluma naye ngoba yena ngeke afese kulona.

Omunye umqeqeshi oseke wezwakalisa intshisekelo yokucija Amakhosi ngelinye Ilanga, uBenni McCarthy okumanje ungumqeqeshi weqembu lesizwe laseKenya.

Lo mqeqeshi useke wacika iCape Town City naMaZulu FC eNingizimu Afrika, kanti uke waba umqeqeshi wabagadli kwiManchester City.

IChiefs izobhekana ne-Orbit College emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMsombuluko ngo-3 ntambama.

Ukunqoba lo mdlalo kwaMakhosi kuzowanyusela endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership.