EzakamuvaIbhola

Kukhula ithemba kwiKaizer Chiefs ngomgadli emgaqele

By Intatheli yeMpempe

Imizamo yeKaizer Chiefs yokuthola umgadli osemncane athole ukuqiniseka ngesikhathi uyise walo mdlali eveza isifiso sakhe sokuthi adlale kuyo. 

Sekukudala iKaizer Chiefs yakuveza ukuthi inesifiso sokuthola uKhanyisa Mayo weCape Town City, okuyinto isikhulu saleli qembu uKaizer Motaung Junior esisanda kuyiveza. 

Lo mdlali oneminyaka engu-24 uzalwa yinkakha yeKaizer Chiefs uPatrick Mayo osekuvele ukuthi naye uyafuna le ntwana yakhe idlale kwiChiefs. 

Kuvela ukuthi uMayo ufuna uKhanyisa athi qu kwiChiefs ngaphambi kokuthi aye phesheya, ngokokubika kwabePhakaaathi ngoMsombuluko.

“Uyazi nawe bonke obaba bafuna ukubona amadodana abo enza izinto ezinkulu,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Sonke siyakubona okwenziwa uKhanyisa njengamanje futhi kucacile ukuthi usangaba ngumgadli ovelele ezweni. 

“Lokho akungatshazwa futhi yingakho uyise efuna ukumbona egijima kwiChiefs ngoba ukholwa wukuthi uma ephumelela kuyo, ngeke ahluleke ndawo. 

“Ukholwa wukuthi uma engakwazi ukumelana nengcindezi yakwiKaizer Chiefs uyobe esekulungele ukudlala noma kulaphi emhlabeni. 

“Yilokho ke uyise amfisela khona. Ufuna adlale futhi avelele kwiChiefs hhayi ngoba mhlawumbe eyeya iCape Town City… 

“Uyazi yiqembu elihle futhi elibophele abadlali abasezingeni, kodwa ingcindezi yakhona ayifani neyakwiChiefs.” 

UKhanyisa Mayo useshaye amagoli angu-11 kwiCape Town City kule sizini, ayishumi kwiDStv Premiership

FUNDA NALA: UJose Riveiro no-Iqraam Rayners badle umhlanganiso kweyePSL

Njengamanje ungomunye wabagadli abasembangweni wesicoco sokushaya amagoli amaningi njengoba sekusele imidlalo emibili iligi isongwe. 

Kuvela ukuthi akhona namanye amaqembu kuleli amgaqele lo mgadli kodwa kubukeka kuyiyo iMpofana ezogcina imwinile. 

Kuvele ke kuvalwe ngehlahla phambili kwiChiefs njengoba uChristian Saile ezihlazile ngempelasonto ehlulwa yizimbuzi zamathuba. 

Lo mgadli usolwa ngokuthi nguye oqhathe iChiefs nenduku ye-Orlando Pirates kwiNedbank Cup njengoba eyeke oqekelele kwaze kwakabili.