EzakamuvaIbholaiNedbank Cup

U-Arthur Zwane ucacisa ngomehluko phakathi kweChiefs nePirates 

By Sbongs Gumbi

Ukhale ngokuba nabadlali abaningi abasha eqenjini nokulinyalelwa njalo u-Arthur Zwane weKaizer Chiefs echaza ngomehluko okhona phakathi kwezakhe ne-Orlando Pirates. 

Ubebuzwe ngomehluko okhona kulandela ukuthi iPirates iphinde yangena kowamanqamu nakwiNedbank Cup ekubeni nakwiligi isethubeni elihle lokuqeda endaweni yesibili. 

IPirates yadla iMTN8 ekuqaleni kwesizini kanti iphinde yawashisa iChiefs ijezi kwiNedbank Cup, yabe seyizibekisela indawo kowamanqamu.

“Umehluko uma ubheka lokho (uqhathanisa iChiefs nePirates) wukuthi thina silande abadlali abaningi abasha,” kusho u-Arthur Zwane.

“Kudingeke ukuthi bakwazi ukuhlangana. Sisazama ukubenza bazwane, bakwazi ukudlala ndawonye. 

“Uma ubheka kwiPirates, bangaki abadlali ebathengile kule sizini ekubeni bebevele benawo umgogodla weqembu. 

“Thina besinganawo umgogodla weqembu. Siliphembe kabusha iqembu. Uma ubheka abadlali esinabo kuleli qembu kule sizini, abanye abazange badlale. 

“Ukhumbuleke ukuthi iningi lalabo abangadlalanga ngabadlali abamqoka – abadlali abebengenza umehluko. Kulo mdlalo nakweminye esigcine sihlulwa kuyo bebengekho…

“Bebesuke belimele noma bemisiwe,” kuchaza u-Arthur Zwane. IChiefs idlale nePirates engekho uKeagan Dolly osanda kulimala noseyoze abuye ngesizini ezayo. 

NoNkosingiphile Ngcobo sekunesikhathi agcina ukudlala njengoba esalimele. NoKhama Billiat ngokunjalo. 

Abanye abadlali abebehlushwa wukulimala vele u-Athur Zwane ubengabadlalisi noma bekhona bekulungele ukudlala. 

“Labo abanikwe ithuba bazame konke okusemandleni abo. Yilowo ke umehluko – sihlaselwe wukulimala kubadlali abamqoka. 

“Yingakho besilokhu silishintshshintsha njalo iqembu. Kukhona imidlalo esiyidlale emuva kudlala abadlali okungebona abakhona. 

“Lokho sasesenezela ukuzama ukuvika induku, singalahli namaphuzu kakhulu. Kokunye besihluleka, silahle amaphuzu kungafanele. 

“Njengoba ngike ngasho naphambilini, kube yisizini enzima le ngenxa yokulinyalelwa abadlali okwenze asangakwazi ukuba nomgqigqo eqenjini,” kuqhuba yena. 

U-Arthur Zwane ungaphansi kwengcindezi enzima njengoba abanye babalandeli beChiefs bengasayizwa kahle indaba yakhe. 

Basola ukuthi ngeke alitakule leli qembu kulolusizi lwendlala yezindebe elibhekene nayo futhi bafuna asuswe esikhundleni sakhe. 

FUNDA NALA: Kukhula ithemba kwiKaizer Chiefs ngomgadli emgaqele

Yena cishe usekubheke ngabomvu ukuthi iphele lesizini khona ezoyozihlela kabusha. IChiefs seyisalelwe imidlalo emibili yeligi. 

Izobhekana neSuperSport United eRustenburg kule mpelasonto ezayo bese ivala ngeCape Town City ekhaya ngo-Ephreli 20 eFNB Stadium